Usebenza ngokuzikhandla umhayi wezinkondlo

2018-05-15 06:01
UBongeka Zuma owaziwa ngelika ‘Mafahleni Wesizwe’.isithombe: sithunyelwe

UBongeka Zuma owaziwa ngelika ‘Mafahleni Wesizwe’.isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTATHELI yephephandaba iFever uNksz Nosipho Mkhize uxoxisane kabanzi nomhayi wezinkondlo uBongeka Zuma owaziwa ngelika ‘Mafahleni Wesizwe’ oneminyaka engama-24 ubudala ngenhloso yokwazi ngempilo yakhe nomsebenzi awenzayo.
NOSIPHO MKHIZE: Uqale nini ukuhaya izikondlo?

BONGEKA ZUMA: Ngiqale ngo-2008 ngisafunda isikole ngingenela nemincintiswano. Ngo-2012 ngibe ngomunye wabafundi base Ningizimu Afrika omele uMzansi ezweni lase-Reunion Island nalapho ngangiyi-Ambassador of a Good Behavior of SA. Ngiphinde nganelela umncintiswano phesheya kwezilwandle ngahambela nasezifundweni ezahlukahlukene kubalwa iGoli nase Polokwane. Akugcinanga lapho ngiphinde ngaya ezweni lase-Italy ngihaya izinkondlo zesiZulu izise zingeni eliphezulu ngoba zihlanganiswe nemidlalo yeshashalazi kanye nama Gidangoma. Ngiyakuthanda ukuhamba izindawo ezahlukene ngisabalalisa ubuchule bobuciko.

NM: Uzibona ukuliphi izinga eminyakeni zayo?

BZ: Ngizibona ngisebenza nezimbongi ezidumile kubalwa uMasoja Msisi, uGcina Mhlophe kanye nabanye abasemkhakheni eyahlukene abangamaciko aqavile ezweni lase Ningizimu Africa.

NM: Ngicela ungitshela kabanzi ngezikondlo ozibhalayo.

BZ: Kuyenzeka izinkondlo zami zikhulume ngqo nomuntu, ezinye zikhuthaze umuntu wesifazane ozikhulisele abantwana eyedwa ngaphandle kwababa wazo. Uma lowo mama elalela inkondlo yami eyisihloko esithi Imnyaka elishumi uyathinteka kakhulu abone kuthi cha bengamudingi muntu wesilisa kuze akhulise izingane zakhe. Kuke kwaba nesikhathi lapho abantu besilisa bethwala abesifazane abasebancane ngenhloso yokubenza amakhosikazi abo, okuyi Siko oluphambene nelungelo lomuntu wesifazane. Ngibe sengibhala inkondlo-ke ekhuza lowo mshophi enesihloko esithi Angizikhethelanga edle umhlanganiso kuma awards aziwa ngokuthi ama-CAMA ngo-2016 ngaphansi kwesigaba se-Best Message and Reciting Poetry. Ngikholelwa ukuthi ezinye izikondlo engizibhalayo zinika ithemba emshadweni futhi zigqugquzela ukubaluleka kwemfundo.

NM : Usebenzisane nobani?

BZ : Ngisebenze nomculi kaMaskandi owaziwa ngelika Isingqazu Sensizwa Biyela. Abantu sebengakwazi ukuzwa izikondlo zami njengoba sengishicilele ucwecwe olunezinkondlo eziyi-13.

Okuhle wukuthi ngiqokwe kuma Awards eKwaZulu-Natal Capital Maskandi Awards Fourth Annual event ngaphansi kwesigaba se-Best Poetry.

NM : Isiphi iseluleko ongasidlulisela entsheni?

BZ: Bamba lokhu okuhle nokuthandayo ukwenzisise, ukufunda kudlondlobalisa ingqondo nekhono lakho. kuyabekezelwa, ungajahi igolide ongalimbanga.

Uma kukhona ongathanda ukwazi kabanzi ngezinkondlo zika Bongeka Zuma ikhona i-CD esihloko esithi Angizikhethelanga by Mafahleni Wesizwe. Ngiyatholakala naku-Facebook ngegama elithi; Bongeka Imbongikazi Mafahleni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.