OWESIMAME waseThekwini, uNks Cindy Pivacic oneminyaka engama-57 ubudala, ophila nesifo sesandulela ngculazi, uthe ukuphila nalesi sifo akusho ukuthi usuthole isigwebo sentambo kepha kusho ukuthi uyakwazi ukuphila naso iminyaka eminingi uma nje uzozinakekela.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nentatheli ye-FEVER. Uthe leli gciwane walithola eminyakeni eyi-11 eyedlule. “Ngahlangana noswahla lwensizwa ngo-2004 eyayibukeka ithembekile, isebenza enkampanini eyenza konke okuphathelene namapayipi amanzi.
“Sathandana nalo mlisa saze sahlala ndawonye. Waye ngakaze angitshele lutho ngesimo sempilo yakhe,” kusho yena.
Uqhube wathi: “Wayehlezi ebonana nodokotela ngenxa yenkinga yokuhlushwa izinhlungu esiswini. Ngelinye ilanga wathi asihambe siyohlola igazi, ngingazitsheli ukuthi ngiyoke ngizwe amazwi afana nalawo eqhamuka kuyena. Sahamba sayo hlola, imiphumela yathi sinesifo sesandulela ngculazi.”
Ukuthola imiphumela ayengayi lindele, kwamenza washintsha indlela impilo ayiphila ngayo.
“Okuqala nje,” eqhuba, “uthando lwethu alubange lusaba luhle emva kwale miphumela ngoba ngangine siqiniseko sokuthi nguye ongisulele ngalesifo ngoba ngenkathi singakahlangani, ngangingenaso. Kepha kunokuba ngizibulale noma ngimkhombe ngomunwe, ngahlala phansi ngavumela inhliziyo yami ukuba yamukele lesi simo ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo.”
“Ngase ngicabanga izindlela ekumele ngizishintshe ukuze ngikwazi ukuphila njengabo bonke abantu.
Eminyakeni eyedlule useke waba nezifo ezifana ne-TB, i-Meningitis, i-Pnuemonia, ama-Shingles nolunye uhlobo lomdlavuza.
Uthe zonke lezi zifo wazithola esenaso lesi sifo kodwa wakwazi ukuzinqoba ngenxa yokuthi ingqondo yakhe yayingacabangi ngokufa kepha yayicabanga ngokuphila.
Uthe ukube wayazi ukuthi isithandwa sakhe sine sandulela-ngculazi, ngabe akasulelekanga.
“Ngakwazi ukuthungatha abanye besimame abathathu abathandana naye emva kokuba ethandane nami, baqinisekisa ukuba nabo banaso lesi sifo futhi basithole emva kokuba bethandane nalona wesilisa. Emva kokubona indlela abantu abatheleleka ngayo yilesi sifo usungule inkampani ephila ngoxhaso, ebizwa nge ‘Aid My Journey’ okuyinkampani ebhekelela konke okuphathelene nalesi sifo.
“I-Aid My journey, ngiyisungule ngo-2011 lapho sisiza khona abantu abanalesi sifo, sibanikeza izeluleko nethemba lokuthi uma unesifo sesandulela ngculazi, akusho ukuthi sekuyigwebo sentambo kodwa kuchaza ukuthi uzokwazi ukuphila njengabo bonke abantu uma nje uzinakekela,”kusho yena.
Uthe: “Siphinde senze ama-project aphathelene nalesi sifo, siqeqeshe abantu kwezama-computer, sibaqeqeshe ukuba ngo thisha bama ‘support group’ bese siba nemikhankaso yokuvakashela abantu sibaluleka ngalesi sifo.”
Useshicilele incwadi enesihloko esithi “The Deadly Seducer”.
Uthe: “Le ncwadi ikhuluma ngempilo yami ngiphila nesandulela ngculazi, nangendlela engakwazi ngayo ukwamukela lesi simo nokuthi ngaqala kanjani ukusiza abanye.”
uma uthanda ukwazi kabanzi ngoNks Cindy Pivacic thumela umyalezo ngekheli le-email elithi: cindy@cindypivacic.co.za.