Uthanda ukulekelela abahlukumezekile

2016-03-15 06:00
Isithombe: nosipho mkhize UNkk Abegail Mbongwa-Dlame ongumsunguli wenhlangano ebizwa ngeThembeni Crisis Centre KwaNdengezi.

Isithombe: nosipho mkhize UNkk Abegail Mbongwa-Dlame ongumsunguli wenhlangano ebizwa ngeThembeni Crisis Centre KwaNdengezi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHANDO lwakhe lokunakekela abantu abahlukumezekile ngezindlela azehlukene kwaholela uNkk Abegail Mbongwa-Dlame waKwaNdengezi ekuthi ashiye umsebenzi wokubhaka asungule inhlangano eyaziwa ngokuthi yiThembeni Crisis Centre.

Uthe konke lokhu kwaqala ngo-1996 lapho ayengenele khona umncintiswano waba bhaki owawugqugquzelwe yinkampani yokubhaka i-Blue Ribbon nenkampani i-Tastic Rice.

“Ngesikhathi ngingela lo mncintiswano wawuse Maharani Hotel ngo-1996 eThekwini ngaphuma phambili ngathola umfundaze wokufundela izifundo zokuthuthukiswa komphakathi phecelezi i-community development ngo 1997.

“Ngo-1999 ngathola iziqu nganikezwa isitifiketi se-community development. Ngawo lowo nyaka ngathola elinye ithuba lokufundela i-project manganement eNyuvesi i-ML Sultan Technical College ngaxhaswa yinkampani yasezweni lase-China ebizwa ngokuthi yi-Tzu Chu,” kusho yena.

Emva kokuba uNkk Mbongwa-Dlame ethole iziqu wasungula inhlangano ebizwa ngokuthi yiQoqisizwe okwakuyi-project ebhekelela ukudala amathuba emsebenzi emphakathini.

“Kule nhlangano saqeqesha amalungu omphakathi ukuthi bekwazi ukusebenzisa amakhono abo ukuze bethole imali yokuziphilisa lapho sa baqeqeshela ukubhaka, ukuqala izingadi emakhaya ukuthunga,ukupheka nokusungula izinhlangano ezincane.

“Sasibhekene nenselelo enkulu ngaleso sikhathi ngoba amalungu ethu ayeshona maphakathi ne-project abanye beshonelwa amalungu emindeni yawo ngenxa yesifo sesandulela ngculazi. Kwakuyisikhathi esinzima kakhulu kithina ngoba kwakuphazamiseka umsebenzi sesiwuqalile.”

Uqhube wathi iningi lama lungu enhlangano nomphakathi wawu ngakafundisekile ngalesi sifo okwaholela ekutheni axoxisane nama khansela endawo ngalolu daba.

“Amakhansela angibonisa ukuthi ngiqale inhlangano efundisa abantu ngesifo sesandulela ngculazi. Bangixhumanisa nenhlangano i-Pinetown Rotary Club abasipha uxhaso lwa-R20 000 lokusungula le nhlangano. I-Pintown Rotary Club yangixhumanisa nenye inhlangano i-Open Door Crisis Centre engenye yezinhlangano ezibhekelela abantu besimame abahlukumezekile ngezindlela ezehlukene.”

Uthe emva kokuba exhumane nazo zonke lezi zinhlangano wasungula i-eThembeni Crisis Centre.

“I-eThembeni Crisis Cenre yabhaliswa ngokusemthethweni ngo-2003 saqeqesha amalungu omphakathi. Kwathi ngo-2004 i-Operation Jump Start yasitholela indawo yokuthi sikwazi ukuqhuba umsebenzi khona KwaNdengezi. Ngo-2006 sathola isabsidi evela kuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuwo lowo nyaka.

Uthe le nhlangano iluleka abantu abahlukumezeke ngazo zonke izindlela, iqeqesha amavolontiya iphinde yenze imikhankaso eyehluka hlukene kubalwa eyokuqwashisa ngezidakamizwa ezingekho emthethweni, isifo sesandulela ngculazi nokunye.

“Kuningi esakuthola ngesikhathi sisebenzisana nomphakathi waKwaNdengezi njengokuthi iningi labantu besifazane lihlukunyezwa abayeni noma abesilisa abathandana nabo futhi iningi labo alisebenzi okwenza ukuthi libeke ithemba labo kwabesilisa ukuze bebondle.

“Saxoxisana nabakwa-Independent Development Trust [IDT] ukuze besilekelele ekusizeni laba besimame ukuthi bekwazi ukuzimela. Abakwa-IDT basugula umsebenzi wokuthi abasimame bakiline imvelo bese bebaholele imali ezobalekelela ezintweni abazidingayo.

“I-eThembeni yasungula i-project i-Shushuzela Care Centre enakekela abantwana abangama-72. Iningi lalaba ntwana bashiywa ngonina bahlala nogogo emakhaya. Esikhathini esiningi uthola ukuthi onina baphuza utshwala bathathe imali yesondlo sika hulumeni bayi sebenzisele izidingo zabo. IShushuzela ingenelela ekutheni isize labo gogo ngokubagadela laba ntwana. Sibanike ukudla njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu,” kusho uNkk Mbongwa-Dlame.

Uqhube wathi i-eThembeni inezinhlangano ezincane ngaphansi kwayo kubalwa eNazareth, e-Dassenhoek, KwaSanti naKwaDesai.

“Lama hhovisi anama volontiya aluleka umuntu odinga usizo. Uma sebelulekiwe bathunyelwa KwaNdengezi ukuba bathole usizo olundingekayo.

Uthe isifiso sakhe wukuthi bethole indawo esedholobeni ngoba babhekene nenselelo enkulu futhi enobungozi njengoba beselokishini.

“Njengoba le nhlangano ibe nemikhankaso eyehlukene kubalwa ukuqwashisa abantu besimame ukuthi bengavumi uma owesilisa athandana naye efuna ukuya ocansini ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana. Siyabaluleka ukuthi ngaphambi kokwenza lokho kumele bobabili behlole igazi emtholampilo ukuze bengazitholi sebe nesifo sesandulela ngculazi noma izifo zocansi. Inkinga iqala mase sihlaselwa abanye besilisa besisabisa ngokuthi bazosishaya ngoba zitshela amakhosikazi abo ukuthi bengayi nabo ocansini. Singajabula uma singathola enye indawo ukuze siqhube lo msebenzi ngokuthula.

SASIBHEKENE NENSELELO ENKULU NGALESO SIKHATHI NGOBA AMALUNGU ETHU AYESHONA MAPHAKATHI NE-PROJECT ABANYE BESHONELWA AMALUNGU EMINDENI YAWO NGENXA YESIFO SESANDULELA NGCULAZI

Uma kukhona othanda ukwazi kabanzi ngeThembeni Crisis Centre engashayela inombolo ethi:

031 704 6640 noma athumele ngekheli le-email elithi: abegail.siza@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.