Uthuthukisa intsha ngokuzimisela

2017-04-25 07:40
 UMnuz Sbusiso Nzama we-Rieco Bird Mediaisithombe: sithunyelwe

UMnuz Sbusiso Nzama we-Rieco Bird Mediaisithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NOSIPHO MKHIZE

INSIZWA yaKwaNyuswa eNtonalanga yeTheku uMnuz Sibusiso Nzama ozalelwe endaweni yaKwaNyuswa uthi uyazifela ngomculo nokusiza umphakathi.

UMnuz Nzama oqale imfundo yakhe emabangeni aphansi esikoleni esaziwa ngokuthi yi-S.T Lawrency Primary School, waphothula umatikuletsheni eSyabula High School.
Uthe: “Emva kokuba ngiphothule umatikuletsheni ngidlulele Elangeni College ngenza izifundo ze-Civil Engineering ngabe sengi dlulela e-Damelin lapho ngithole khona isitifiketi sezifundo zika gesi. Ngiphinde ngathola isitifiketi se-Community Building ngo-2016 ngaphansi kwe-Democracy Development Programme. Emva kokuba ngiqede ukufunda ngisebenze e-Training Centre ngo-2011 ngasungula iqembu laba dansi elibizwa ngokuthi yi-Training centre, lapho bengi sebenzisana noNsunda benoSbongiseni owaziwa ngelika ‘cyto’.
Leli iqembu liqoqe iningi lentsha yaKwaNyuswa futhi linandise ezindaweni ezahlukahlukene.”

Ngo-2012 usungule elinye iqembu lo mculo we-Kwaito, elaziwa ngokuthi yi-Durban Scene elinama lungu amathathu kubalwa uSandile Mbambo, uKhulekani Dlamini kanye naye.

“Leli qembu liqophe i-album ngo-2013 enesihloko esithi Dalmede edayise ubuthaphuthaphu futhi ebikhangisa nabanye abaculi abahlukene kuyo. Sinandise ezindaweni ezehlukene kubalwa e-City Hall eThekwini, eGoli elokishini lase Soweto, eMlazi, eClermont nakwezinye izindawo. Ngo-2015 ngibe yingxenye yenhlangano ebizwa ngokuthi yi-

Right2know okuyinhlangano elwela amalungelo abantu. Ukusebenzela le hlangano kube enye yezindlela zokuzikhandla ekusebenzeleni umphakathi engisuka kuwo,” kusho uMnuz Nzama. UMnuz Nzama uqokwe ukuba amele isifundazwe saKwaZulu-Natal ngaphansi kwenhlangano i-Right2Know kwi-National Summit ebise Kapa.
Uthe: “Ngesikhathi ngise Kapa ngifunde okuningi futhi ukuba ngaphansi kwale nhlangano kungenze ngabona izindawo eziningi kubalwa eKapa, eGoli. eShowe nase-Eastern Cape. Kuningi okunye engingakubala engikwenze ngo-2016 njengo sebenzisana nezinhlangano ezimbili i-Children Have a Dream, yi-Love Life ne-Right2Know lapho besihlela imicimbi emikhulu sifundisa abafundi ezikoleni ezahlukahlukene emphakathini ngempilo, ukuziphatha komuntu omusha, ukuzivikela kwisandulela ngculazi, ukuqwashisa intsha ngezidakamizwa ezingekho emthethweni nokunye okuningi. Ngisebenzisane nenhlangano ebizwa ngokuthi yi-Rieco Bird Media ibambisene ne-Right2Know ekuhleleni umcimbi ngosuku lwentsha ngo-June 16. Lo mcimbi wawuhanjelwe ngezinye zezi nhlangano zaluleka intsha ngokuziphatha nokubaluleka kwezemfundo,” kusho yena.

UMnuz Nzama usebenzisane noMnuz Zama Zuma owaziwa ngelika Feleba SK ngaphansi kwe-Rieco Bird Media ekuthuthukiseni amakhono entsheni yaKwaNyuswa, Pinetown nase Thekwini namaphethelo. “Sihlele imicimbi eminingi lapho simeme intsha ukuba izokhangisa ngamathalente ayo kubalwa ukusina, ukudansa imidanso ehlukene, umculo nokunye. Siphinde sibe
nama-workshop lapho sifundisana ngama lungelo nokubaluleka kwemfundo. Konke engikwenzayo ngikwenza ngothando nokuzimisela futhi ngisebenza ngokuzikhandla ekuthuthukiseni intsha nokusebenzisana nomphakathi.”

Uthe umphakathi ungalindela umcimbi wentsha ozobe uhlelwe yi-Rieco Bird Media ngo-June 16 KwaNyuswa lapho bazobe befundisa khona intsha ngokuningi. Uma uthanda ukwazi kabanzi ngalo mcimbi shayela inombolo ethi: 073 911 9912 noma uvakashele ikhasi le-Facecook elithi: Rieco Bird media Online.

LELI QEMBU LIQOPHE I-ALBUM NGO-2013 ENESIHLOKO ESITHI DALMEDE EDAYISE UBUTHAPHUTHAPHU FUTHI EBIKHANGISA NABANYE ABACULI ABAHLUKENE KUYO. SINANDISE EZINDAWENI EZEHLUKENE KUBALWA E-CITY HALL ETHEKWINI, EGOLI ELOKISHINI LASE SOWETO, EMLAZI, ECLERMONT NAKWEZINYE IZINDAWO.
UMA UTHANDA UKWAZI KABANZI NGALO MCIMBI SHAYELA INOMBOLO ETHI: 073 911 9912 NOMA UVAKASHELE IKHASI LE-FACECOOK ELITHI: RIECO BIRD MEDIA ONLINE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.