Uthuthukisa umculo KwaNyuswa

2018-04-17 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUBongani Mbatha owaziwa ngelika ‘Razzy DaJuru’.

ISITHOMBE: sithunyelweUBongani Mbatha owaziwa ngelika ‘Razzy DaJuru’.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTATHELI yephephandaba i-Hillcrest Fever uNksz Nosipho Mkhize (NM) uxoxe nomunye wabaculi baKwaNyuswa owaziwa ngelika Bonga Mbatha (BM), kodwa abaningi bamazi ngo ‘Razzy DaJuru’, le ngxoxo ibihlose ukuthola kabanzi ngempilo yakhe nomculo we-hip hop.

NM: Ngicela ungitshele kabanzi ngawe nomculo wakho.

BM: Igama lami langempela uBonga Mbatha “Razzy DaJuru”. Ngikhulele eBotha’s Hill [KwaNyuswa]. Ngingumculi wohlobo lwe-rap oqopha izingoma ezihlukile futhi ngishiya abaningi bedidekile ngalokhu ngoba izingoma zami ziyingqayizivele.

NM: Uqale nini umsebenzi wakho womculo?

BM: Ngaqala ukubhala umculo ngineminyaka eyi-13 ubudala.

Ngenxa yokuntuleka kwama-studios nabakhiqizi endaweni, ngaqala ukuqopha izingoma zami ngineminyaka eyi-16, ngaleso sikhathi sasivame ukuqopha izingoma nge-quality engeyinhle. Ngahlangana nabanye abafana emphakathini ababebhala izingoma, futhi sanquma ukwakha iqembu nabo ngaleyo nkathi.

Saqopha ama-album amabili kanye nama-single ambalwa bese sahlukana njenge qembu. Ngemva kwalokho, ngasebenza ne-studio okuthiwa i-Spot On Records. Ngabe sengikhipha i-album yami yokuqala.

NM: Uma ungase uchaze uhlobo lomculo owenzayo, ungathini?

BM: Umculo wami awuhambisani nabathandi be-hip-hop noma abalandeli be-rap kuphela. kodwa ungalalelwa yibo bonke abathandi bomculo, nakuba indlela yami yokucula ifana neyohlobo lwe-hip-hop.

NM: Ubani osebenza naye futhi yini esingayilindela kuwe kulo nyaka?

BM: Ngisebenza noFeleba SK waku Rieco Bird Media, uMthokozisi Msomi wasePlazi Music noLucas owakwa-Spot On. Kuningi abalandeli abangakulindela kulo nyaka okunye ngisazokushicilela mase kusondele izinsuku zokuqopha.

NM: Isiphi iseluleko ongasidlulisela entsheni?

BM: Umsebenzi womculo akuyona into ongayethemba uma kuza ngasekwenzeni imali. Ngiqaphele ukuthi akunandaba ukuthi unamakhono kangakanani, uma ungenaye umuntu zokuseka ngokwezimali, ulahlekelwa ithemba endleleni

Nakuba kunzima ukuba ngumculi ophumelelayo kodwa umculo uyinto ehamba phambili empilweni yami, hhayi ngoba ngifuna ukwnza imali kodwa ngoba nginephupho nentshisekelo ngomculo futhi angikwazi ukuyeka.

NM: Uzibona ukuliphi izinga eminyakeni ezayo?

BM: Ngifuna ukuba yisibonelo emphakathini wami, ukuthi uma ukholelwa y ithalente lakho olinikezwe uNkulunkulu ungafinyelela noma yikuphi lapho ofisa khona. Ngifuna ukuvula amathuba kubo bonke abaculi abanamakhono abasebenza ngaphansi kwe-hip-hop emiphakathini nse zindaweni zase makhaya.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngoBonga Mbatha xhumana naye kwi khasi lakhe le-Facebook elithi: Razzy DaJuru, noma umlandele ku-Twitter @razzy_dajuru noma uthumele umyalezo ngekheli le e-mail elithi: Razzy_skarazzy@hotmail.com noma ushayele inombolo yocingo ethi: 078 963 9282.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.