Utshala ukudla okunempilo

2016-04-12 06:00
ISITHOMBE: Nosipho MKhize UNkk Nonhlanhla Ndimande onguthisha okhuthalele ukufundisa Izingane ukutshala

ISITHOMBE: Nosipho MKhize UNkk Nonhlanhla Ndimande onguthisha okhuthalele ukufundisa Izingane ukutshala

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHANDO lwakhe lokutshala izingadi lwaqala esayintombazanyana ehlala nogogo wayo esigodini saseMadundube, KwaMaphumulo enyakatho emaphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

UNkk Nonhlanhla Ndimande, osehlala eMbumbulu, eNingizimu yeTheku, nomyeni wakhe kanye nabantwana bakhe abathathu, loluthando lokutshala lwamgquguzela ukuba afunde izifundo zokulima nezemvelo.

Echaza ngomlando wakhe uthe: “Ngikhulele emndenini okholwayo, futhi obeka uNkulunkulu kuqala kukho konke okwenzayo. Uthando lokutshala lwaqala ngisemncane lapho ngangivuka ngovivi kanye nabantwana base khaya silekelele ugogo ensimini. Loluthando ngakhula nalo ngaze ngaba mdala,” kusho yena.

UNkk Ndimande uqhube wathi eseqala ukufunda emabangeni aphezulu wayesevele esekwazi ukulima. Waqala ngokufundela ubuthisha iminyaka emithathu ekholiji lakwaGqikazi KwaNongoma enyakatho yaKwaZulu-Natal.

“Sengizitholile iziqu zami ze-Primary Teaching Diploma,” eqhuba, “ngaqhubeka nokufunda ngo-2009 kuya ku-2010 enyuvesi yaKwazulu-Natal ngenza izifundo ezemvelo nokutshala.”

UNkk Ndimande wacabanga izindlela eziningi zokusebenzisa ikhono lakhe, njengokufundisa izingane ezithikamezekile ngokomqondo, ukuba zikwazi ukutshala izingadi.

Uqhube wathi: “Ngabona kukuhle ukuqala ngokufundisa abafundi abathikamezekile ngokomqondo amakhono okulima ngo-2005. Into eyangijabulisa kakhulu ukuthi labafundi banothando lokulima ngoba bahlezi belangazelela ukufunda konke okuphathelene nokutshala izithelo.”

Uthe ngendlela labafundi base Ningizimu Special School ababezimisele ngayo, baze bathola isitifiketi segolide ngenxa yomsebenzi oncomekayo, emcimbini obizwa nge-Imagine Durban owawuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini ngo 2011, obizwa nge- Imagine Durban.

“Ngendlela izitshalo zabafundi ezazizinhle ngayo baze banikwa isifiketi. Sizophinde siwungenele lomncintiswano kwi-Imagine Durban ngalonyaka,” kuqhuba yena.

“Siphinde saba nenhlanhla yokuxhaswa yinkampani i-BMW, ngamathuluzi engadi kanye nohlelo olubizwa nge-BMW Seed Programme, lapho izingane zifundiswa khona ukutshala izitshalo ezingawudingi umanyolo. Lokho kuyasi khuthaza ukuba siqhubeke sikhiqize izitshalo zemvelo.”

Uqhube wathi kuhle uma abafundi benza kahle ngaso sonke isikhathi njengoba baphuma phambili emcimbini owawubanjelwe eSibaya Conference Hall ngo-2013, ngenkathi kuqhudelana izikole ezingaphansi koMlazi District.

Ngokusho kwakhe, abafundi sebekwazi nokulima izingadi emakhaya, baphinde badayise ukuze bezokwazi ukondla emindenini yabo. “Konke engibafundisa khona ngokulima izingadi, ngiyabatshela ukuba bafike bakwenze nase makhaya.”

Ukuzimisela kuka Nkk Ndimande, kwaholela ekuqokelweni kwakhe ukuba ayomela isizwe sonke kwingqungquthela ye COP- 17 ngo-2011.

“I-Southern African Development Community (SADEC), ngaphansi koMnyango wezeMvelo, okuyinhlangano ebhekelela ukuthuthukisa umphakathi ngokwezemvelo, eyabona kukuhle ukube ngihambe ngiyofunda enyuvesi yase Rhodes eGrahamstown. Isizathu sokuba ngiyofunda kule nyuvesi kwaba ukuthi ngilungele ukumela isizwe uma sekuqala izingxoxo ze COP-17,” kusho yena.

Uqhube wathi kwakungelula neze ngenkhathi enza lezizifundo eRhodes, kepha ngomusa kaNkulunkulu waphumelela ekuzuzeni iziqu ngo-2012.

“Ngenkathi sengibuyela eThekwini ngazizwa nginomfutho ngoba ngase ngazi ukuthi kuzobe kudingidwani engqungqutheleni ye-COP 17. Okunye kwangenza ngazi qhenya ngenkathi ngithola iziqu zami ukuthi kwakuyimina kuphela owesifazane omnyama wakuleli owayemele iNingizimu Afrika. Konke engangikwenza eRhodes ngangenzela isizwe sami.”

Uthe uyafisa ukuba aqhubeke nokufundisa abafundi nomphakathi amakhono okulima.

Uyakholelwa ukuthi iNingizimu Special School izogcina isezingeni lokutshalela izintolo ezinkulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.