2 deck headline goes here here pls

2020-04-15 06:01

BAGCINE beboshiwe abesilisa ababili abasolwa ngokudlwengula baphinde babulale isalukazi sasendaweni yase-Sweetwaters.

UNkk Ngenzeni Zuma (75) watholwa ngeSonto mhla zingama-29 kuNdasa (March) ekuseni eseshonile nokusolwa ukuthi waqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe ngokuklinywa. Umsolwa oneminyaka engama-27 kanye noneminyaka engama-24 bavele enkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu olwedlule nalapho bebhekene khona namacala okubalwa khona elokubulala, elokubamba inkunzi kanye namabili okudlwengula. Abasolwa bagcinwe esitokisini kanti bazoze babuyele enkantolo mhla zili-14 kuNhlaba (May) nalapho bezofaka khona isicelo sebheyili.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe abasolwa baboshwe ngoLwesithathu olwedlule ngemuva kokuba uphiko lwe-Provincial Organised Crime Unit lujutshwe ukuba luphenye leli cala. Umsolwa oneminyaka engama-27 uboshwe ekhaya lakhe KwaShange kanti omunye yena ubanjwe endaweni yase-Point eThekwini. Uqhube wathi uphenyo luveza ukuthi abasolwa bayathinteka futhi kwelinye icala lokudlwengula intombazane eneminyaka engama-20 ubudala nayo eyadlwengulwa ngosuku olufanayo nalolo okwadlwengulwa ngalo ugogo. Abasolwa kusolwa ukuthi bafika emzini kagogo bazenza amasosha ahamba ehlanza imizi njengoba izwe libhekene nenkinga ye-coronavirus.

Ugogo wabe esebavulela abasolwa nokuyilapho kuthiwa babe sebemudlwengula khona base bemklinya waze washona. Isidumbu sikaNkk Zuma satholwa umzukulu wakhe akade ehlala naye. Umzukulu kuthiwa wayelele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kwazise bebelala ezindlini ezahlukene nogogo wakhe. Umphathiswa woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza ukushayele ihlombe ukuboshwa kwalaba basolwa. “Nakuba impilo kagogo Zuma ingeke isabuya, sijabulile ukuthi amaphoyisa abophe abasolwa ngemuva kwamahora nje sihlangane nawo.

Sifuna ukubona abadlwenguli kanye nababulali bagogo Zuma bejeza. “Lezi zigebengu zingosomathuba njengoba kuvalwe izwe okwesikhayana ukuthi zobamba inkunzi, zidlwengule ziphinde zibulale izakhamuzi ezingasoli lutho.

“Sitshelwe ukuthi kunentombazane yasendaweni eyaziwayo kubokamufi okuthiwa iyona eyasetshenziswa ukukhohlisa umufi ukuba avulele amasosha ‘mbumbulu’. “Amaphoyisa akumele ayiyeke nayo leyontombazane kumele iboshiwe ngendima eyayidlala kukona konke loku, “kubeka yena. Uqhube wathi abasolwa akumele bathole ibheyili. “Sifuna ingalo yomthetho yenze konke okusemandleni ukuqondisa i zigebengu ezihlukumeza umphakathi endaweni yase-Sweetwaters. Sitshelwe ukuthi maningi amacala endaweni okubalwa kuwona awokubulala kanye nokudlwengula ashiywa engaxazululiwe.

“Umphakathi wethu angeke uze uphile ngaleyondlela, zonke izigebengu kumele ziboshwe.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.