2 headline goes here here here here here here

2018-06-27 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAbanye bosomabhizinisi abahambele inkomfa yentsha kanye nabahleli bale nkomfa.

ISITHOMBE: sithunyelweAbanye bosomabhizinisi abahambele inkomfa yentsha kanye nabahleli bale nkomfa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTSHA yaseMgungundlovu ithole ithuba eliyingqayizivele ngesikhathi ilulekwa ngezamabhizini kwinkomfa yentsha ebise emtapweni wolwazi i-Bessie Head Library ngoMgqibelo mhla ziyi-16 kuNhlangulana (June).

Le nkomfa ebihlelwe inhlangano engenzi nzuzo i-Beyond Measure Foundation bekuhloswe ngayo ukukhuthaza intsha ukuba ingene emkhakheni wezamabhizinisi esikhundleni sokuba ihlale emakhaya ikhale ngokuthi imisebenzi ayikho.

Le nkomfa ebigxile kakhulu emikhakheni engajwayelekile okubalwa kuyona ezemikhumbi kanye nezolimo, ihehe abantu abaningi njengoba ibihanjelwe ngabafundi abasuka ezikoleni ezehlukene abebezofuna ukuthola ulwazi ngale mikhakha.

UNkk Nompumelelo Ndlela noyi-Economic Strategist kanye nomsunguli wenhlangano i-Success Way Foundation nobengomunye wezikhulumi kule nkomfa uthe indlela eya empumelelweni kwezamabhizini iqala ngokuthi umuntu abe necebo lalelo bhizinisi afuna ukuthi abe nalo liphinde libe impumelelo.

Uthe: “Sonke saqala singenalutho kodwa safunda saqhubeka kwaze kwaba siyaphumelela.

Okubalulekile ukuthi ube unecebo futhi siyakholelwa ekutheni wonke umuntu unecebo analo.

“Icebo iyona into ezokukhipha kuleso simo okusona njengamanje nofuna ukuphuma kusona.

“Zikhona vele izingqinamba kanye nezinto okumele uzenze kodwa nesixazululo kulezo zinkinga naso sikhona. Isixazululo sikhona sikuwena,” kubeka yena.

Uqhube wathi into abayifunayo ukuthi intsha ikhuthazeke kwezamabhizini emikhakheni eyahlukene.

“Kumele sibe nohlelo lapho sifaka khona intsha yethu ukuze sizokwazi ukuthi sibeke khona iso.

Sinezinga elikhulu kakhulu labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika yingakho kubalulekile ukuthi nizivulele nina amathuba emisebenzi ningene nakwezamabhizinisi.”

UMnuz Thobekani Hlengwa we-Beyond Measure Foundation uthe bajabule kakhulu ngemiphumela yale nkomfa futhi sekuyinto abazoqhubeka bayenze njalo.

“Bekusayisiqalo lesi bekufana nokuthi siyethula ngokusemthethweni le nkomfa eseyizoba minyaka yonke kusukela manje.

“Kuningi esisafuna abantu abasha bakwazi uma kuza kwezamabhizinisi.

“Abantu abasha kumele bakwazi ukuheha abantu abazobaxhasa ngaphandle kokuthi bafunde i-business plan.

“Sifuna ukumema nezimboni ezahlukene ezizobachazela kabanzi ukuthi amabhizinisi anjani athola uxhaso,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.