UMashaba unike abadlali abasha ithuba kweyeChan

2015-10-15 06:00
Umdlali we-Orlando Pirates uThabo Qalinge (kwesobunxele) ongumunye  wabadlali abathole           ithuba lukudlala eqenjini lesizwe elikhethwe             umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba emdlalweni weChan eRand Stadium ngoMgqibelo

Umdlali we-Orlando Pirates uThabo Qalinge (kwesobunxele) ongumunye wabadlali abathole ithuba lukudlala eqenjini lesizwe elikhethwe umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba emdlalweni weChan eRand Stadium ngoMgqibelo

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULOKHU umqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba unikeze ithuba abadlali abangaziwa noma abangajwayele ukudlalela iqembu lesizwe ukuba nabo phela baziveze.

Phela iBafana Bafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano we-African Nations Championship (Chan). Lo mdlalo uzobe useRand Stadium eGoli ngaloMgqibelo (October 17) ngo-3 ntambama.

Inhlangano ephethe ibhola laseMzansi, iSouth African Football Association (Safa) isimemezele ukuthi amathikithi aseyatholakala ezikhungweni zamathikithi kuzwelonke.

Lo mdlalo we-Angola uzobe ungumlenze wokuqala weChan. Ngokwezibalo nangokuma kwezinto, lo mdlalo ungathathwa njengethuba lokugcina leBafana Bafana lokuzibeka ethubeni lokudlala kweyamanqamu alo mqhudelwano.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi amafayineli ale midlalo azodlalelwa eRwanda ngonyaka ozayo.

Njengamanje iqembu laseMzansi iBafana Bafana phela isanda kukleliswa kunamba 73 ngokohlelo lweFifa kanti kusobala futhi ukuthi iqembu lase-Angola lingaba yingozi kanti nomdlalo angeke ubelula, nomqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes”Mashaba ukwazi kahle lokho.

Omunye wabadlali baKwaZulu-Natal othole leli thuba eliyinqayizivele lokukhethwa eqenjini leBafana Bafana umdlali weMamelodi Sundowns ozalwa eSobantu eMphithi (Pietermaritzburg) uSiyanda “Jojo”Zwane.

UMangethe wazakhela igama ngesikhathi esadlala kwiLamontville Golden Arrows. UZwane uthe uzozimisela ngendlela eyisimanga ngoba phela leli thuba liyimvelakancane. Uthi ukukwazi ukuthi umele iZwe lakho kusho lukhulu.

“Ngijabule kakhulu futhi yithuba leli ekade ngililindile amasizini amaningi. Ngiyalibonga impela leli thuba futhi liyatshengisa ngempela ukuthi uMvelinqangi ubathanda bonke abantu bakhe. Ngiyathembisa ukuthi ngizodlala ngokumisela njalo uma ngithola ithuba lokubizwa eqenjini leSizwe.”

Iqembu laseMzansi lizoya kulo mdlalo linamathemba ngoba phela lakwazi ukushaya i-Angola eRand Stadium kuyokwenza izinto zibe lula futhi kucacise indlela eyakwiChan. Phela uMzansi uyophinde udlale umlenze wesibili ne-Angola emasontweni amabili ezayo.

UMashaba uthe noma imidlalo yeChan ingekho ngaphansi kwezinhlelo zeFifa kodwa uzamile ukukhetha iqembu eliqinile nelizokwenza umsebenzi.

“Noma kunzima nje ukuhlanganisa iqembu ngoba phela iChan ayikho ngaphansi kweFifa, kodwa mina ngiyaziqhenya ngabadlali esibakhethile futhi bazonqoba,” kusho uMashaba.

Kanti iqembu selilonke elizodlala ne-Angola limi kanje:

Goalkeepers: Nkosingiphile Gumede (Golden Arrows), Wayne Sandilands (Mamelodi Sundowns), Dumisani Msibi (Supersport Utd)

Defenders: Siyanda Zwane (Mamelodi Sundowns), Wandisile Letlabika (Bloemfontein Celtics), Levy Mokgothu (Kaizer Chiefs), Thabo September (Supersport Utd), Madisha Motjeka (Mamelodi Sundowns), Mario Booysen (Mamelodi Sundowns), Rofhiwa Tshikovhi (Platinum Stars), Tebogo Moerane (Bidvest Wits)

Midfielders: Thabo Qalinge (Orlando Pirates), Thato Sithole (Jomo Cosmos), Thamsanqa Sangweni (Chippa Utd), Lyle Lakay (Bloemfontein Celtics), Mlungisi Mbunjane (Cape Town All Stars), Morne Nel (Supersport United), Vincent Pule (Bidvest Wits), Amigo Luvuyo Memela (Orlando Pirates), Michael Morton (Supersport Utd), Hendrik Pule Eksteen (Kaizer Chiefs)

Strikers: Bongani Ndulula (Kaizer Chiefs), Dumisane Zuma (Bloemfontein Celtics), Gift Motupa (Orlando Pirates), Bradley Grobbler (Supersport Utd), Percy Tau (Mamelodi Sundowns)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.