Abadlali baseMzansi abasheshe baye phesheya

2018-05-16 06:01

UMAKADE ebona nenkalakatha yebhola ezalwa ezweni lase-Senegal neyadlala isikhathi eside phesheya kwezilwandle u-El Hadji Diof uthi abadlali baseMzansi abavuke babhukule ukuze kusizakale iqembu lesizwe.

Lesihlabani sodumo nenxele elali dlala ibhola kuchazeke izibukeli sikhala ngokuthi abadlali baseMzansi bathanda kakhulu ukudlalela amaqembu asekhaya isikhathi eside futhi bayazisaba izinselelo ezibahlukumezayo kwamanye amazwe.

Uthe: “Uma uwumdlali kufanele wazi ukuthi ufana nesosha ngoba kungenzeka umsebenzi wakho ukuse noma yilaphi.

“Ngiyavuma uma uwumdlali webhola uqala ngokwakha igama lakho ekhaya, kodwa akuphusile ukuchitha isikhathi eside kwiligi yezwe lakho. Ukuphuma uyozama kwamanye amazwe kuyakuqinisa futhi kukufundise okuningi bese uba umdlali oncono kunakuqala,”kusho u-Diof.

Phela lenkalakatha eyake yadlalela i-Portsmouth, i-Bolton Wanderers kanye ne-Liverpool ikhulume kanje emasontweni ambalwa edlule ngesikhathi izicukuthwane nekomiti elikhankasela indebe yomhlaba e-Morocca (Moroccan 2026 Fifa

FA World Cup bid) ebezivakashele e-Safa House futhi bathola nethuba lokuvakashela amakilabhu ambalwa e-PSL.

Lensephe ikhala ngokuthi abadlali balelizwe babukeka benelisekile futhi befudumele ngokudlala kwi-PSL nokungenzeka ukuthi abanye abacabangi ukuya phesheya.

“Ukwenza nokucabanga kwabadlali base-South Africa kufanele kushintshe. Ukudlala kwi-PSL kuhle futhi kuyisiqalo esihle kodwa ikusasa lakho alingagcini lapho. Ukuya kwabadlali abaningi balelizwe phesheya kunyusa izinga lebhola emaqenjini esizwe ikakhulukazi iBafana Bafana.”

Uthe ulume indlebe uPercy Tau embuza ukuthi yini ndaba namanje esadlala kwiPSL hayi phesheya?. Uthe uTau angafike adlale athi khaxa kwi-Real Madrid ekwi-LaLiga e-Spain. “Lomfana ayikho into angenayo njengomdlali futhi alikho iqembu angeke akwazi ukulidlalela phesheya, ngitshele-ke usalindeni,”kusonga u-Diof.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.