Abafundi abahlwempu banikelelwe ngomfaniswano wesikole

2016-08-03 06:00
PHOTO: SITHUNYELWE Abanye babafundi abanikelelwe ngomfaniswano wesikole emcimbini obuse City Hall. Lapha bathathwe nemeya uChris Ndlela kanye namanye amalunga esigungu esingamele umkhandlu.

PHOTO: SITHUNYELWE Abanye babafundi abanikelelwe ngomfaniswano wesikole emcimbini obuse City Hall. Lapha bathathwe nemeya uChris Ndlela kanye namanye amalunga esigungu esingamele umkhandlu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA woMsunduzi unikelele abafundi abangu 300 bezikole ezingu 10 ngemifaniswano yesikole emcimbini obuseCity Hall ngoLwesine.

Lokhu kuyingxenye yohlelo lukamasipala lokubeka eqhulwini ezemfundo kanti kwenzeka minyaka yonke. Imeya kumasipala woMsunduzi uChris Ndlela uthe yize abakwenzile kungekho ohlwini lwemisebenzi kamasipala, bakholelwa ekutheni imfundo yinto yomphakathi ngakho nabo kufanele baphonse itshe esivivaneni.

“Sizonika abantwana imifaniswano ngoba siyaqonda ukuthi kufanele babe sesimweni esibanika isibindi kanye nesithunzi uma besesikole. Sifuna bangabi nokuzenyeza uma behlangene nabanye abantwana.”

Ekhuluma nabafundi ubanxenxe ukuthi bazimisele emsebenzini wabo wesikole, “Kunina bantwana zimiseleni kakhulu emfundweni ukuze nabeza ngemuva bezobona ukuthi abasekelwa uhulumeni benza kangcono esikoleni. Kufanele nifike ngesikhathi esikoleni bese nizimisela ngokwedlulele,” kusho uNdlela.

UNdlela uphinde wancoma igalelo lothisha abafundisa izingane eziphuma emakhaya adonsa kanzima. “Umsebenzi wothisha unzima, izinkinga enizithwele siyaziqonda futhi iqhaza elibanjwe othisha asilibukeli phansi. Kunzima ukufundisa abantwana abanabazali abadonsa kanzima ngoba nithwala izinkinga zabo ngenhloso yokuthi abantwana nabo babe ngabantu ebantwini.”

Kulomcimbi kuphinde kwakhuluma abafundi abathathu akade beyingxenye yabafundi abangu 13 bakulelidolobha abachithe izinyanga eziyisishiyagalolunye eDenhmark ngokuxhaswa umasipala. Labafundi kade beyokwenz ezolimo kuleliyalizwe. Omunye walabafundi uMeliswa Mthembu wase Sweetwaters uthe ulwazi abalutholile bazolusebenzisa ukwenza amathuba emisebenzi.

“Kuningi esikufundile, sifuna ukuba yingxenye yentsha ezothatha lelizwe liye phambili kwezomnotho. Sibonga kakhulu kumasipala ngethuba eliyingqayizivele esilinikwe umasipala sithanda ukukhuthaza nabanye ukuthi bazimisele esikoleni ukuze uma kuqhamuka amathuba nabo beyoqokwa,” kusho uMthembu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.