Abafundi bakhala ngezindlu zangasese ezixathukayo

2016-08-03 06:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BABHEKENE nenkinga abafundi besikole samabanga aphezulu Ikusaselihle High School eMbali Unit BB abaswele indawo yokuzikhulula ngenxa yokuxathuka kwemfucuza ezindlini zabo zangasese.

Labafundi bakhala ngephunga elingabekezeleleki lendle nomchamo eselivimbanise emagcekeni akulesikole cishe izinyanga eziyisithupha selokhu kwaphela amanzi kulendawo.

“Asinawo ngisho amanzi okugeza izandla uma siye endlini encane indlela isimo esibi ngayo, isikole sonke siyanuka size siphoqeleke ukuthi sichame phansi emathoyilethe ngoba agcwele,” kusho umfundi okhulume ne-Maritzburg Echo.

Lesimo bathi sibi kangangoba abafundi besifazane bazithole sebethola nezifo ngenxa yokuthi izindlu zabo zangasese zigcwele futhi azihlanzekile. “Satshelwa ukuthi umuntu kufanele aziphathele amanzi, okuxakayo ukuthi nalamanzi abathi asiwaphathe asinawo ngoba nasemakhaya awekho,” kusho omunye umfundi.

I-Maritzburg Echo ithole ukuthi imoto eletha amanzi kulendawo ifika kanye noma kabili ngeSonto.

“Sisaba ngisho ukutshela abazali ngesimo esibhekene naso ngoba uma beya esikoleni kungenzeka sizithole sesisenkingeni nabaphathi besikole kuthiwe sidala ukungazwani.”

“Sisenkingeni kakhulu njengabafundi besifazane, iningi lethu lisengcupheni yokuthola izifo zangaphansi ezithathelanayo. Uma usezinsukwini zakho kufanele ulinde uze ufike ekhaya ukuze ufake i-pad entsha. Angiphathi-ke uma uke waxinwa isisu ungaphakathi esikoleni usuke usenkingeni ngempela ngoba asivumelekile nokuthi siphume ngezikhathi zokudla,” kusho omunye umfundi.

Labafundi bathi iphunga lasezindlini zangasese balizwa ngisho besemaklasini, “Usizo siyaludinga ngempela ngoba lendawo ayikulungele ukuthi ingasetshenziswa abafundi. Sesilwela ukuthi okungenani basivulele amathoyilethi omgodi kunokuthi siqhubeke nokusebenzisa lawa.”

Khona manjalo, omunye wothisha ongathandanga igama lakhe lidalulwe ngoba esaba ukulahlekelwa umsebenzi uthe isimo sibi kakhulu ngoba nabo bewothisha baze baphoqeleke ukuthi bacele komakhelwane uma befuna ukuzikhulula.

“Sibheke nesimo esinzima kakhulu kodwa esikukhalela kakhulu ukusizakala kwabafundi bethu bangaze bathole izifo, okungenani abalethelwe izindlu ezingomahamba nendlwana zesikhashana.

Nendlu yangasese esetshenziswa othisha besifazane naye igcwele baze baphoqeleke ukuthi bangene kwelothisha besilisa. Kodwa nakhona bavumeleke ukuchama kuphela. Akufundiseki kodwa othisha bayasaba ukuphumela obala ngoba bangalahlekelwa imisebenzi yabo, asazi ukuthi isimo sizoba njena kuze kube nini.” kusho lothisha.

Obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo uKwazi Mthethwa uthe uMnyango ubungakaze ubikelwe ngaloludaba, “Kuyashaqisa ukuthi kunabafundi abafunda ngaphansi kwalesimo osichazayo, njengomnyango sizozama ukungenelela sibone ukuthi ayikho yini indlela esingasiza ngayo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.