Abafundi bakhe ibhodwe elisebenza ngelanga

2020-02-12 06:02
Isithombe: lethiwe makhanyaAbafundi basesikoleni iNzuzwenhle abenze ibhodwe elisebenza ngelanga.

Isithombe: lethiwe makhanyaAbafundi basesikoleni iNzuzwenhle abenze ibhodwe elisebenza ngelanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUZAMA ukwehlisa ukusebenzisa kakulu ugesi esikoleni abafundi basesikoleni samabanga aphansi iNzuzwenhle e-Azalea benze ibhowe elisebenza ngelanga.

Laba bafundi benza ibanga lika-Grade 6 kanye no-Grade 7 kanti bangamalunga e-Eco Club khona esikoleni.

Leli bhodwe lakhiwe ngekhalibhodi likapende, foil kanye ne-khalibhodi eliphuma uma uthenga izinto ezifana ne-fridge.

Ngokusho kukaNks Senzi Vilakazi okungomunye wothisha abasekomidini lezemvelo kulesi sikole uthe abafundi benze leli bhodwe ngemuva kokuvakashelwa inhlangano yaphesheya kwezilwandle i-Water Explore International Organisation. Utshele i-Echo ukuthi le nhlangano ifike esikoleni sabo yabafundisa izinto ezahlukene okubalwa khona nezindlela zokunakekela imvelo ngendlela efanele.

“Ngesikhathi besifundisa ukuthi singakwazi ukwakha ibhodwe elisebenza ngelanga, lelo thuba silithathe salibamba ngezandla zombi salisebenzisa. Abafundi baqoqe zonke izinto ezifunekayo babe sebeqala beqala beyakha.

“Sesilisebenzisile ngoba besifuna ukubona ukuthi kungabe liyasebenza yini, nangempela siphekile kwavuthwa,” kubeka yena. Uqhube wathi ukuba nalolu lwazi kuzobasiza kakhulu ngoba manje sebezoqoqa ezinye izinto zokwakha bese bakha amabhodwe amakhulu azokwazi ukuthi aphekele isikole sonke. “Kuzosisiza kakhulu lokhu ngoba sesizokwazi ukuthi uma ngabe kuphekwa ukudla okuphuzayo ukuvuthwa njengobhontshisi esikoleni kusetshenziswe amabhodwe lawa asebenza ngelanga ukuze sizokwazi ukuthi songe ugesi.”

Unks Vilakazi uthe lonke ulwazi abalutholayo bafisa ukuthi abantwana baludlulisele kubazali ukuze nabazali bezoludlulisele emphakathini.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.