Abafundi bakhumbula i-Echo kudala

2019-07-10 06:00

“UMA uke wezwa ilizwi limemeza ngoLwesine lithi Echo kwase kusho ukuthi wonke umuntu kumele aphume ngejubane.”

Lawa ngamazwi omunye umfundi we-Echo oxoxisane ne-Echo mayelana nezinto zakudala azikhumbulayo njengoba leliphephandaba ligubha iminyaka engama-40 lasungulwa. `

UNtombizodwa Mbanjwa waseSobantu uthe kukhulu akukhumbulayo nge-Echo kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi seloku yaqala ukuba khona akakaze aqhelelane nayo.

“Kwakuba khona imoto eyayimemeza njalo ngoLwesine imemeze ithi ‘Echo’ bese siyaphuma ke siyagijima siye khona. Uma nje kuke kwenzeka nje waphuthwa wangenzwa ukuthi. Kwakufanele ugijime uzephule lapho ugijime uyolanda iphepha ngoba uma uke wangalithola nje abazali bazokuthethisa ukuthi ubungajimi ngane. Ngoba sasisayizingane ngaleso sikhathi sasize sichomelane ukuthi ubani ogijime wafika kuqala uma ngabe kade kuyolandwa iphepha.

“Nakuba kwakuyinto okwakumele siyenze ngoba abazali besithumile, kuthina kwasekumunandi ngoba kwasekubangathi umncintiswano wokugijima kuthina nalabo esasikhula nabo ngaleso sikhathi,” kubeka yena.

Omunye umfundi uSphumelele Ngcobo uthe nakuba yena azalwa isikhona vele i-Echo zikhona izinto asazikhumbula nathi ziyohleli zimujabulisa.

“Kwakunohlelo lokufunda olwalubizwa ngoMkhize njalo ngoLwesihlanu esikoleni sasihleli sibuzwa ngaye ukuthi kungabe kuqhubekani. Kwasekungathi nje enye yezifundo kodwa sasikujabulela kakhulu. Uma ngabe ungazange uyithole i-Echo ngoLwesine wawuba senkingeni ngoba kusho ukuthi wena wawuzoba nenkinga uma ngabe uthisha esebuza.

“Kwakumnandi kona ngoba kwakusigqugquzela nathi ukuthi sifunde ukuze sizokwazi ngosuku olulandelayo siphendule imibuzo uma ngabe uthisha ebuza.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.