Abafundi bayalwe ngobungozi bobugebengu

2018-07-04 06:02

ABAFUNDI bezikole ezahlukene endaweni yase-Edendale bayalwe ngobungozi bobugebengu kanye nobungozi bokusebenzisa izidakamizwa.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-22 kuNhlangulana (June) kaPoyinande ePlessislaer ngesikhathi kunomcimbi wokugubha inyanga yentsha kanye nokuvikelwa kwezingane.

Lo mgubho bekuhloswe ngawo ukuqwashisa abafundi ngobungozi bobugebengu baphinde bafundiswe nangendlela yokuziphatha empilweni.

Ibamba likaMqondisi eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Ntokozo Mthethwa utshele abafundi ukuthi kumele bazi ukuthi izinqumo abazithatha manje yizona ezizokwakha okanye ezizobhidliza ikusasa labo. Uthe kumele bazi ukuthi izinqumo abazithathayo manje zinomthelela empilweni yabo yakusasa.

“Noma yini oyenzayo manje izokuthatha ikuse lapho ufuna ukuya khona. Kuphakathi kokuthi ikusa ekusaseni eliqhakazile okanye ikusa ehlathini.

“Into ebalulekile ukuthi niqale ngokuqalwa ngako nigcine ngokugcinwa ngako. Musani ukujaha izinto. Yonke into inesikhathi sayo,” kubeka yena.

UMnu Mavundla onguSihlalo wenhlangano ebhekelele ukuphepha komphakathi (Community Policing Forum) e-Plessislaer uyale abafundi ngokuba bakhulume ngezinto ezingalungile abazibona zenzeka bangafeli ngaphakathi.

Uthe : “Yonke into iqala ngomuntu oyedwa. Uma ubona umngani wakho enza into engalungile zitshele namhlanje ukuthi uzomushintsha.

“Uma singenza njalo singaya phambili. Ningajahi ukwenza izinto ezingaphezu kwenu.

“Kumele nazi ukuthi yonke into iyasetshenzelwa ningajahi izinto eziza kalula. Uma ubona ukuthi abangani bakho bayakulinga ukuba wenze izinto ezingalungile kuhle ukuthi uziqhelelanise nabo uthole abangani abasha. Sifuna ukubona imiphumela emihle kuphela kinina.

“Uma kungukuthi niyahlukumezeka noma ngabe yingaluphi uhlobo bikani emaphoyiseni.

Uma nibona futhi abantu benza izinto ezingalungile bikani emaphoyiseni ngoba ekugcineni nigcina seningena enkingeni ngoba nihlangene nabantu abangalungile, nigcine senimosha ikusasa lenu,” kuphetha yena.

Laba bafundi baphinde bathola ithuba lokuyalwa umuntu osebuya ngaphakathi ejele.

UNksz Thokozani Mpanza uthe yena wahlala iminyaka emihlanu ejele ngecala lokukhwabanisa. Uthe wakwenza loku edudene nabangani bakhe kodwa kwagcina ngokuthi kuboshwe yena yedwa abangani bakhe bona basala ngaphandle.

Uthe : “Ubugebengu ababuyiseli angeke kuze kukuse ndawo kunaloko kuzokumoshela ikusasa lakho . Ningavumi ukudlala abantu benitshela ukuthi kumnandi ejele.Ayikho into emnandi ngejele. Ngamosha isikhathi sami ngoba ngifuna izinto ezisheshayo.

“Ngikhuluma nani nje ngabe ngisebenza kwezezimlai njengoba ngangenza izifundo ze-Financial Management kodwa konke loko ngeke kusenzeka.

“Ubani ongafuna ukuqasha umuntu ophuma ejele ngamacala okukhwabanisa? Ayikho into eza kalula empilwei. Imali esheshayo iyaphela,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem

Kim Kardashian is known for her over-the-top lifestyle and crazy spending habits. This may be a little extreme though…

 

Paws

10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.