Abafundi bayalwe ngokubaluleka kolimi lwesiZulu

2018-03-07 06:02
ISITHOMBE: SITHUNYELWEeEmcimbini (kusuka kwesobunxele) uZama Bee Buthelezi, Thuli Zondi (ophuma eBessie Head Libraly) kanye noBabalwa Mazingisa (obengumhleli womcimbi).

ISITHOMBE: SITHUNYELWEeEmcimbini (kusuka kwesobunxele) uZama Bee Buthelezi, Thuli Zondi (ophuma eBessie Head Libraly) kanye noBabalwa Mazingisa (obengumhleli womcimbi).

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI baseNomusa Pre-School e-Sweetwaters bayalwe ngokubaluleka kokuzigqaja ngolimi lwabo lwesiZulu ngoLwesithathu mhla zili-21 kuNhlolanja (February).

Laba bafundi bathole ukwelulekwa ngokubaluleka kokwazi ulimi lwabo namasiko ngesikhathi kuno mcimbi ogujwa emhlabeni wonke owaziwa nge-International Mother Tongue Day.

Lo mcimbi ubuhlelwe uNksz Babalwa Mazingisa noyivolontiya le-Vodacom Foundation Change The World 2017.

UNksz Mazingisa uthe into emenze ukuba akhethe ukwenza umcimbi onjengalona ingoba ufuna ukufundisa izingane ezisakhula ukubaluleka kokwazi ulimi lwazo.

Uthe wajoyina i-Vodacom Foundation ngonyaka owedlule, banikezwa umsebenzi wokuthi bakhethe uhlelo olulodwa abazolwenza ukufundisa izingane kunoma isiphi isikole okanye inkulisa.

“Ngakhetha ukwenza uhlelo lokufunda nokuthuthukisa [learning and development] abafundi. Lolu hlelo ngiluqale ngenyanga kaNcwaba [October] ngonyaka owedlule kanti ngizowenza isikhathi esingangonyaka.

“Ngikhethe ukufundisa izingane zakithi ngolimi lwazo ngoba ngibona ubunzima ababhekana nabo ikakhulukazi uma kufanele befunde noma bebhale ulimi lwabo. Iningi lezingane zamanje azisenendaba nolimi lwazo, sezihleli zikhuluma isingisi kanti zinenkinga uma kumele zifunde incwadi ebhalwe ngolimi lwabo,” kuchaza yena.

Uqhube wathi lolu hlelo belungeyona into yosuku olulodwa nje kuphela kodwa into asazoqhubeka ayenze nayo le nkulisa.

Uthishanhloko wale nkulisa nophinde abe ngumsunguli wayo uNkk Nomsa Sibiya (81) uthe bajabule kakhulu ukuba uNksz Mazingisa ekhethe ukulekelela inkulisa yabo.

Uthe lolu hlelo luzobasiza kakhulu abantwana ngisho sebephumile beyo funda ezikoleni eziphezulu.

“Kubalulekile ukufundisa ingane isencane ngoba leyonto eyifundile ikhula nayo kunokufundisa umuntu esemdala into angazange ayijwayele esayingane.

“Sibhekene nengwadla iningi lentsha alinendaba nolimi lwayo kanye nemvelaphi yayo. Uke uthole intsha ihleli yodwa ndawonye kodwa ikhuluma isingisi,” kusho uNkk Sibiya.

Uqhube wathi loku kuzobasiza nangokuthi abantwana bakhule bekwazi ukufunda isiZulu nokusibhala kahle.

Le nkulisa isiqede iminyaka engama-40 yaba khona kanti iyaqhubeka nokukhula selokhu yasungul-wa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.