Abafundi be-Echo bakhumbula uMkhize

2019-05-08 06:01
ISITHOMBE: sigciniwe

ISITHOMBE: sigciniwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI be-Echo baxoxe ngezindaba zakudala abazikhumbulayo nezazenzeka kuleli phephandaba eminyakeni eyedlule.

Lokhu kungenye indlela yokugubha iminyaka engama-40 i-Echo yasungulwa kulonyaka.

Abafundi abehlukene nabaphuma ezindaweni ezahlukene bakhulume ngomudwebo owawufundisa ngesiZulu kanye nesiNgisi i-Learn with Echo kodwa eyayidume ngokuthi uMkhize.

UNks Mahlengi Mbatha waseSobantu uthe lo mdwebo akasoze awukhohlwa ngisho sekuthiwa useyisalukazi.

Uthe ngesikhathi ekhula lo mbhalo ubungamuphuthi nangephutha ngoba ubehleli efuna ukwazi ukuthi kwenzekalani emndenini kaMkhize.

“Endaweni yaseSobantu iphephea i-Echo lalifika ngemoto eyiveni laPho uma sike sayibona nje ifika njalo ngoLwesine sesiyogijima ke sijahe ukuyolanda iphepha n goba sijahe ukufunda yena uMkhize.

Ngaphandle nje kokuthi bengithanda ukuthi kwenzekani emndenini kaMkhize bekusisiza kakhulu ngoba ubufundisa ngendlela elungile.

“Uma ngabe kwenzekile nje ngangakwazi ukuthi ngithole iphepha ngoba naku kade ngingekho bengiphatheka kabi kodwa ngithi nje angeke ngize ngikwazi ukuthi ngingalitholi ngize ngihambe ngiyoliboleka komakhelwane abalitholile,” kubeka yena.

UMnu Nkosi Ngidi waseMbali yena uthe :

“Ngesikhathi ngikhula bengithi njalo uma ngabe kufika iphepha i-Echo ekuseni ngoLwesine kwakube sekuyisikhathi sokuthi ngihambe ngiye esikoleni kodwa mangibuya kwakuba into yokuqala engiyifundayo.

“Ngikhule ngifunda uMkhize nje kanti futhi ungisize kakhulu ukuthi ngikwazi ukuzithuthukisa ekufundeni isiZulu kanye nesiNgisi.

Ukufunda nje kwagcina sekuyinto yami ukuthi ngifunde kangangokuba namanje ngisakuthanda ukufunda ngenxa kaMkhize,” kubeka yena.

Uqhube wathi ubengakujabulela ukuthi ngabe usekhona uMkhize ngoba ubuzozisisa kakhulu izingane eziningi ukuthi zikwazi ukuzijwayela ukufunda.

“Izinagne zethu eziningi manje ezisakhula ziyahluleka ukufunda isiZulu kanti uma ngabe sizitshela ukuthi azifunde amaphepha ziyanqena.

Ukube kusakhona uMkhize bezizowujabulela kakhulu ngoba unanezithombe lezi abazithandayo kanti nombhalo nawo ubulingana nabo,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.