Abafundi nohlelo lokusiza izikole

2019-10-23 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuzonikelelwa ngokusemthethweni ngendlu kanogada esikoleni samabanga aphezulu iSiyanda, eSweetwaters.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuzonikelelwa ngokusemthethweni ngendlu kanogada esikoleni samabanga aphezulu iSiyanda, eSweetwaters.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI basenyuvesi i-Durban University of Technology esikhungweni esise-Riverside sebesungule uhlelo lokulekelela izikole.

Laba bafundi benza unyaka wabo wesibili ezifundweni ze-Public Relations. Amagama abo ngoNontuthuzelo Mzizi, Nompilo Mngadi, Minenhle Xulu, Hope Ntanzi kanye noSphumelele Mncube.

Laba bafundi basanda kulekelela isikole samabanga aphezuku iSiyanda endaweni yaseSweetwtars ngokuthi sakhe indlu kanogada.

Ngokusho kukaNksz Mzizi uthe lolu hlelo lwabo luqale njengomsebenzi wesikole kodwa ngenxa yokubona izinkinga ezibhekene nezikole seku wuhlelo abahlose ukuqhubeka nalo.

“Bekuthiwa asizibandakanye nezikole ezisemphakathini sithole ukuthi kungabe yiziphi izinkinga ezibhekene nazo bese sibhala ngazo. Uzakwethu uNompilo ube esesitshela ngesikole iSiyanda nokuyisikole lapho kade efunda khona.

“Sithole ukuthi lesi sikole sinenkinga enkulu yokugqekezelwa kanye nezingane ezingena nezinto ezinga-lungile emagcekeni esikole ezifana nezidakamizwa kanye nezikhali. Sibe sesinquma ukuthi ngoba naku sesiyabubona ubunzima obubhekene nalesi sikole, kunokuba sibhale bese sibashiya kanjalo, kungani kungabi khona into esibenzela yona ezobasiza ngisho sesingasekho thina. Liqale lapho ke isu lokuthi sibatholele indlu kanogada,” kubeka yena.

Uqhube wathi banethemba lokuthi loku kuzosiza kakhulu kuthi uma bemthola umuntu ozogada isikole angabi nenkinga yokuthi uzohlalaphi.

“Into esiyitholile ukuthi isikole asinaye umuntu ogada isikole kanye nabafundi ubusuku nemini. Ukuba nendlu kanogada kuzokwenza kube lula ukuthi kube khona umuntu onjalo ngoba uzobe azi ukuthi vele unayo indawo yokuhlala.”

Uthe abazukugcina ngalesi sikole kodwa isifiso sabo ukuthi badlulele nakwezinye izikole bazisize uma ngabe bethola uxhaso kosomabhizinisi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.