Abafundi nomkhankaso wokulwa nezidakamizwa

2019-10-09 06:01

ABAFUNDI baseNyuvesi i-Durban University of Technology esigcemeni esise-Riverside ngokuhlanganyela nesikole samabanga aphansi uMthethomusha esisendaweni yase-Edendale basungule umkhankaso wokulwisana nezidakamizwa ezikoleni. Lo mkhankaso nowethiwe ngokuthi Mthethomusha Drug Free Campaign usuke ngomsebenzi wesikole (assignment) wabafundi base-DUT wokuthi kumele benze uhlelo lokubamba iqhaza ekuthuthukisweni komphakathi.

Omunye walabafundi uS’khumbuzo Nzuza uthe ngaloluhlelo bazama ukulwisana nenkinga yezidakamizwa ebhidlangile ikakhulukazi ezindawnei zasemalokishini kanye nasezikoleni. Ekhuluma ne-Echo uthe bafuna ukufundisa baphinde baxwayise izingane ngobungozi bezidakamizwa.

“Sizama ezinye izindlela zokuthi izingane zibe sendaweni engenazo izidakamizwa. Into eyenze ukuthi sikhethe isikole uMthethomusha ingoba indawo[esakhiwe kuyo] izidakamizwa zitholakala kalula, ngakho ke sifuna ukubaqwashisa ngobungozi bazo besabancane.

“Sesike sakhulumisana nothishanhloko wakusona lesi sikole wasichazela ukuthi inkulu inkinga ekhungethe lesi sikole ngendaba yezidakamizwa nathe loku kugcina sekuphazamisa ukufunda esikoleni,” kubeka yena.

Uthe njengoba sebewuqalile lomkhankaso isifiso sabo bekungukuthi bangagcini nje kuphela ngokuthi bawenza ngoba kungumsebenzi wesikole kodwa kugcine sekuyinto eqhubekayo abayenzayo njalo.

“Sifuna ukuthi sikwazi ukuthi sihambele izikole ezahlukene silwisane nalesi sihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa emiphakathini yethu kanye nasezikoleni,” kubeka yena.

Laba bafundi sebeze bavula ngisho ikhasi lalo mkhankaso ezinkundleni zokuxhumana u-Facebook. Uma ngabe ufuna ukuwulandela noma ukweseka lomkhankaso ungavakashela ikhasi labo ku-Facebook : Mthethomusha S.P Drug Free Campaign.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.