Abamatekisi bakhala ngomgwaqo

2019-03-27 06:02
IZITHOMBE: lethiwe makhanyaBekuvutha amalangabi kukhalwa ngomgwaqo.

IZITHOMBE: lethiwe makhanyaBekuvutha amalangabi kukhalwa ngomgwaqo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABANIKAZI bamatekisi ahambela endaweni yaKwaMpumuza sebesabise ngokuthi kunezindawo angeke asazihambela uma ngabe kungukuthi isimo somgwaqo kulezo zindawo asilungiswa.

Lokhu kuvele ngoMsombuluko ngesikhathi kunesiteleka nalapho kade kuvalwe khona umgwaqo kukhalwa ngokuthi kunezindawo okungasahambeki kuzona ngoba imigwaqo yakhona ayilungile.

Lesi siteleka besihlanganisa amalunga omphakathi, abashayeli bamatekisi kanye nabanikazi bawo amatekisi. Amatekisi abengahambi ngoMsombuluko njengoba bebevale yonke imigwaqo engenela kule ndawo.

Kweminye yemigwaqo abakhala ngayo uKhumalo, Nonkayi kanye no-Shange.

Omunye wabanikazi bamatekisi uthe yena ngeke aze asakwazi ukuthi itekisi lakhe lihambele kulezi zindawo ezisebenzisa lo mgwaqo ngoba liyafa.

“Sikhipha izimali eziningi sikhanda izimoto lezi esithutha ngazo umphakathi ngemuva kokuba zibulawe umgwaqo. Uthenga itekisi elisha manje kodwa kuthi kuphela iminyaka emibili lisuke selikhahlake laphela.Ugcina usukhipha ngisho imali yakho ephaketheni yokukhanda itekisi,” kubeka yena.

Omunye umshayeli wetekisi uthe imigwaqo eyingozi nemimbi kakhulu uShange kanye noKhumalo.

Uthe akumele engabe imoto elayisha umphakathi ihamba kule migwaqo ngoba kayikho esimeni esifanele.

“Sikhathele nathi manje ukuhamba kule migwaqo enemigodi emikhulu nemisele kanti futhi kuyingozi ukuhamba kuyona,” kubeka yena.

Lo mphakathi kuthiwa uqale ukuteleka ngeSonto ebusuku kwaze kwasa ekuseni ngoMsombuluko.

Imenenja yaserenki yakule ndawo, uMnu Vusi Shange, uthe okubaphatha kabi kakhulu ukuthi sekukaningi becela ukuba balungiselwe le migwaqo kodwa akukho lutho olwenzekayo.

Uthe sebebambe amamashi aze aba mathathu iminyaka ilandelana bekhala ngento efanayo kodwa kuze kube imanje akukho okulungayo.

“Sasithenjiswe ukuthi angeke uze uphele unyaka ka-2018 singalungiseliwe lemigwaqo kodwa kuze kube imanje ayikho into elungayo. Bafika abantu bakamasipala behambisana nabantu abaphuma eMnyangweni wezemiGwaqo bethi bazohlola isimo somgwaqo ukuze uzolungiswa kodwa kuze kube imanje awukakalungiswa,” kubeka yena.

Ikhansela laku lendawo neliphinde libe nguSomlomo kuMasipala uMsunduzi, uNkk Jabu Ngubo, uzifikele qathatha emphakathi lapho kade beteleka khona nalapho efika wabathembisa khona ukuthi bayalusebenza lolu daba.

“Sengikhulumile nabantu bakamasipala bangithembisa ukuthi bazoqala ngoMsombuluko ozayo ukufaka ugeleja ukuze kuzokwazi ukuthi kuhambeke,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.