Abamba ayayeka amaqembu e-PSL

2018-06-06 06:01

ININGI labantu abazaziyo izinto, ikakhulukazi osomabhizinisi abahlonishwayo eMzansi, bake bathi uma isifundazwe sase-Gauteng noma iGoli lithimula lingaqedi, lonke izwe livele libe nomkhuhlane omubi.

Lokhu kuchaza ukuthi uma isimo somnotho sixhugela noma sintekenteke kulesikhondlakhondla sedolobha nesizinda segolide, lonke izwe livele lixege ngezindlela eziningi.

Uma useGoli kulezinsuku ubungafunga ukuthi kulungiselelwa indumezulu yomgcagco wasebuKhosini noma kulungiselelwa ukugcotshwa kukaMengemeli wezwe.

Cishe wonke amaqembu ePremier Soccer League (PSL), ikakhulukazi lawa amakhulu afana no-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns ne-Kaizer Chiefs, apheka ethulula futhi abambe eyeke elungiselela isizini ezayo.

Kahle-hle muningi umsebenzi owenziwa izikhulu zawowonke amaqembu ezibhekene nokusayinisa abadlali abasha.

Ngempelasonto edlulei-South African Football Association (Safa) ibikhetha izikhundla, kanti ngoLwesibili i-PSL ibinomcimbi wokuklomelisa abadlali abavelele kulesizini.

Kanti kulo futhi lelisonto iBafana Bafana ibihlanganisa ilungela iCosafa eqale ngeSonto eledlule.

EKwaZulu- Natal kuzwakala ukuthi umdlali we-Maritzburg United, uBevan Fransman, angase ayozama amadlelo aluhlaza kwelinye iqembu.

Izinkomba zimqagula kwi-Cape Town City njengekhaya lakhe elisha.

Kuthiwa nayo iTeam of Choice isiqalile ukuhlwaya isitobha esizovala indawo kaFransman nokade engukaputeni.

Lo mdlali udlale indima enkulu nencomekayo kuleli qembu laseMphithi futhi bekubonakala nje ukuthi ungumholi wokuzalwa.

Kusobala-ke ukuthi ukushiya yilomdlali kuyovula isikhala esikhulu emuva.

Isizini iyonke lomdlali udlale imidlalo engama-34 emiqhudelwaneni yonke, futhi-ke bazibambe zaqina nozakwabo uSiyanda Xulu emuva.

UXulu noFransman babuye baqhudelana ekubeni bakhethwe ukuba umdlali wasemuva ovelele kulesizini.

Izimpukane eziluhlaza ngale eGoli kanye nabantu abasondelene namaqembu apheka e thulula kulezinsuku bathi kungenzeka uDenwin Farmer weSuper Sport United eze eMphithi.

Lomdlali akakathandi ukuphawula ngaloludaba kodwa uyavuma ukuthi ziningi izinto ezenzakayo ngabadlali njengoba kuvalwe isizini.

Usihlalo we-United, uFarouk Kadodia, uyavuma ukuthi iqembu lakhe liyaqhubeka nokuhlwaya abadlali abasha ukuqinisa ithimba ngesizini ezayo noma kungakacaci kahle-hle.

Uthe: “Yiqiniso kona, siyabhekabheka ukuthi yibaphi esizobathola.

“Kuzocaca khonamaduze uma sesinesiqiniseko,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.