Abaneme ngamaholo abama-ambulensi

2018-04-18 06:02

KUPHAZAMISEKE ukusebenza kwama-ambulensi akwa-EMS eMgungundlovu ngoMsombuluko mhla ka-9 kuMbasa (April) kulandela ukungenami kwabashayeli bawo ngemaholo abo.

Laba basebenzi ekade behlangene esibhedlela i-Greys ngawo uMsombuluko bathi sekuphele isikhathi esingaphezu kwenyanga bengayiholile imali yabo yokusebenza isikhathi esengeziwe (over time).

Laba basebenzi bathi bekumele bahole imali yabo mhla zili-15 kuNdasa (March) kodwa kuze kube yimanje abakaze bayithole futhi abayitholi impendulo ecacile yokuthi kungani bengakayitholi.

UMnuz Mandisi Shezi omele abasebenzi abashayela ama-ambulensi eMgungungundlovu enhlanganweni i-Nehawu uthe bengasebenzi abaneme neze ngendlela izinto ezihamba ngayo.

Uthe: “Akusibo abasebenzi baseMgungundlovu kuphela ababhekene nale nkinga kodwa abasebenzi besifundazwe sonke abasebenzela u-EMS. “Ngesikhathi sikhuluma nabaphathi bethu sibuza mayelana nalolu daba basitshela ukuthi abanayo imali iphelile.

“Namhlanje (ngoMsombuluko) sebesitshela ukuthi bazothintana nathi basazise ukuthi kuzokwenzakalani ngaphambi kokuba kuphele leli sonto.

“Sifuna izimpendulo ezicacile ukuze sizokwazi ukuthi senza njani.

“Okwamanje ukusebenza kusazoqhubeka ngokwejwayelekile kodwa angeke size sikusebenze ukusebenza okwengeziwe [overtime],” kubeka yena.

Uqhube wathi uma kungukuthi abazitholi izimpendulo ezicacile okanye abayitholi imali yabo kuze kuphele leli sonto bazothatha elinye igxathu lokuthi babike kubantu abakhulu okudlula abaphathi babo labo kade bexoxisana nabo.

“Makungukuthi kumele siqhubeke size sifike eMnyangweni wezeMpilo uqobo sizokwenza lokho kodwa okwamanje sisaxoxisana nabaphathi bakwa-EMS uma kungukuthi abasisizi sizodlulela phambili.

“Kunabantu abasebenza amahora angama-60 nangaphezulu ngenyanga, cabanga ke ukuthi imalini leyo.

“Njengoba le mali ingekho emiholweni yethu kuyabonakala ngampela ukuthi siyashodelwa ngoba isisiza kakhulu le mali.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uNks Ncumisa Mafunda uthe ukusebenza kwama-amabulensi kuyaqhubeka ngokwejwayelekile.

“Umnyango ngokuhlanganyela ne-National Department of Public Services and Administration [DPSA] bayaludingida lolu daba futhi bayathemba ukuthi bazofika esivumelwaneni esinokuthula maduze.

“Kukhona nohlelo oselulungisiwe ekuqinisekiseni ukuthi ukuhanjiswa kwezidingo akuphazamiseki uma abasebenzi be-EMS beqala umnyakazo ongahle uphazamise izindlela zokusebenza ngokwejwayelekile.”

Kunabantu abasebenza amahora angama-60 nangaphezulu ngenyanga, cabanga ke ukuthi imalini leyo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.