Abase-Ashdown bazomela izikole zaseMgungundlovu ebholeni

2018-06-13 06:00

ABADLALI abayisikhombisa (seven) abadlala ngaphansi kweqembu lebhola lezinyawo labantu besifazane i-Ashdown Sports Academy baqokwe njengabanye babadlali abazomela izikole zesiFunda uMgungundlovu emdlalweni wezikole kwisifundazwe saKwaZulu-Natal.

Lemidlalo izobe ibanjelwe eThekwini kusukela mhla zingama-22 kuya mhla zingama-22 kuNhlangulana (June)

U-Anako Dladla (13), Luyanda Sibiya (14), Andiswa Ndlovu (14), Slindile Ndlovu (15), Aphiwe Hadebe (16), Sphe Ngubane (16) kanye noSbahle Makhanya (14) bangabanye babadlali abali-12 abaqokiwe kubadlali ba-Under 17 abazomela uMgugundlovu kanti baphuma ezikoleni okubalwa kuzona KwaPata Secondary, Edendale Technical High School kanye neSiyahlomula Secondary.

Ngokusho komqeqeshi walaba badlali uMnu Londa Mnikathi uthe laba badlali baqokwe ngesonto eledlule emdlalweni yokuhlungela abadlali abazomele izikole zaseMgungundlovu ebibanjelwe eNorthdale Stadium.

Ekhuluma ne-Echo uMnikathi uthe ujabule kakhulu ukuthi abadlali bakhe bangabanye abaqokiwe ukuthi bayomela izikole zesiFunda zaseMgungundlovu.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi benza kahle kakhulu uma bengena enkundleni kanti kuyakhombisa ukuthi siyawenza nathi umsebenzi ukubaqeqesha. Siyajabula kakhulu ukuthi izingane zethu nazo zikwazi ukuthola amathuba amahle kangaka ngethalente lazo.

Ngithanda ukubonga kakhulu nje uMnu Sihle Basi nokunguyena ongeseka kakhulu ngalezi zigane kanjalo nabazali nabo asebekhombise ukungeseka okukhulu kanye nokungethemba ngezingane zabo,” kubeka yena.

UMnu Mnikathi uphinde wancoma abadlali bakhe ngokuzimisela kwabo esho nokuthi uma bengaqhubeka ngendlela abenza ngayo bazoya kude ebholeni lezinyawo.

UMnu Sihle Basi nokunguyena obhekelele ezebhola lezinyawo lamantombazane eMgungundlovu uthe lokhu okwenzeke kwi-Ashdown Sports Academy kuyajabulisa kakhulu.

“Kuyinto enkulu lena eyenzekile. Lezi zingane zidalelwe ukuphumelela vele siyajabula ukuthi bakwazile ukutonyulwa. Ngithanda nokuncoma uMnu Mnikathi ngomsebenzi wakhe awenzayo njengoba aqala ukuqeqesha lezi zingane esemncane naye,” kubeka yena.

Laba badlali abasebancane uma beqokiwe eThekwini bazobe sebemela isifundazwe saKwaZulu-Natal.

Kwenzeka konke loku nje abadlali ababili baleli qembu u-Oluhle Mduna kanye noLuyanda Sibiya basanda kubuya e-Japan nalapho ekade bemele khona izwe lakuleli emncintiswaneni i-One Nation Cup.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.