Abasebenzi abaneme ngemenenja

2018-10-31 06:02

KUPHAZAMISEKE ukusebenza esibhedlela i-Grey’s Hospital ngoMsombuluko mhla zingama-22 kuMfumfu njengoba abasebenzi bakulesi sibhedlela kade behlukene phakathi kulandela ukubuyiselwa emsebenzini kwenye yezimenenja eyatholwa inamacala okungaziphathi kahle.

Le menenja ibuyiselwe emsebenzini ngoMsombuluko ngemuva kokuba i-Public Health and Social Development Sectoral Bargaining Council ithathe isinqumo sokuthi ukuxoshwa kwakhe emsebenzini kwakungenabo ubulungiswa.

Ngokombiko oshicilelwe i-Public Health and Social Development Sectoral Bargaining Council , uveze ukuthi le menenja i-Echo enalo igama layo yatholwa inamacala amaningana okungaziphathi kahle wabe esekhonjwa indlela ngasekupheleni konyaka owedlule.

Abasebenzi abebeholwa i-Public Servants Association of South Africa (PSA) kanye ne-National Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) babeke phansi amathuluzi ngawo uMsombuluko bebhikisha bethi bayifuna ihambile lemenenja kulesi sibhedlela.

Batshele i-Echo ukuthi angeke bakwazi ukusebenza nomuntu abangamethembi futhi balibeka ngembaba ukuthi angeke kuze kusebenzeke ngoba ngeke kuze kube khona ukuhloniphana.

UMnu Bongani Ndlovu nonguSihlalo we-PSA esibhedlela i-Grey’s uthe uma kungukuthi uMnyango wezeMpilo ufuna ukuyibuyisela emsebenzini le menenja ungayibuyisela kodwa ingabuyeli esibhedlela i-Grey’s.

Uthe ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-19 kuMfumfu (October) babecele abantu abaphuma kwinhloko yoMnyango wezeMpilo ukuthi kube ibona abazofika bazokwengamela lolu daba kodwa abazange bafike.

“Asinayo inkinga yokuthi bambuyisele emsebenzini kodwa thina asimfuni lana emsebenzini. Kukubona abomnyango ukuthi mabembuyisela emsebenzini bamusaphi kodwa ayi la. Angeke kuze kusakwazi ukusebenzeka uma kungukuthi uyabuyela uza lana ngoba ziningi izinto ezenzeka ngaphambi kokuba ahambe.

Ngokwazi kwethu thina, sazi ukuthi waxoshwa lapha esibhedlela i-Grey’s ukuthi ubuyiswe ngaziphi ke izizathu nathi asazi asitsheliwe lutho,” kubeka yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uNcumisa Mafunda uthe uMnyango awukwazi ukuphawula ezindabeni ezithinta umsebenzi nomqashi kodwa wathi umnyango uhlanganile nezinhlaka ezithintekayo kanti nesixazululo sitholakele.

“UMnyango ungakuqinisekisa ukuthi ukusebenza sekubuyele esimweni esejwayelekile,” kubeka yena .

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.