Abasebenzi bafuna kuxoshwe uDhlomo

2018-12-26 06:00

ABASEBENZI boMnyango wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu-Natal bathi abasamfuni uNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe uDkt Sbongiseni Dhlomo ngoba wehlulekile ukwenza umsebenzi wakhe njengongqongqoshe.

Laba basebenzi bamashele eNatalia Building ngoLwesine olwedlule mhla zili-13 kuZibandlela (December) nalapho kade bethi bafuna ukuyobhekana ngqo noDhlomo emehlweni kodwa kabazange bamthole njengoba befice sekuvalwe namasango angenela khona elenga ingidi, kungekho ngisho unogada.

Le mashi isayingxenye yokulwela amalungelo abasebenzi basemakhazeni kahulumeni i-Fort Napier kanye namanye esifundazweni ikwaZulu-Natal.

Abasebenzi basemakhazeni kahulumeni e-Fort Napier babeka phansi amathuluzi bekhala ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo kodwa lokho kwagcina ngokuthi baboshwe njengoba uMnyango wezeMpilo wabatholela incwadi enkantolo eyayibaphoqa ukuthi babuyele emsebenzini.

NgoLwesine olwedlule ngesikhathi kunemashi, laba basebenzi abangaphansi kweNehawu, baqala esiteshini samaphoyisa saseMgungundlovu nalapho babeyofuna khona inombolo yecala (case number) abalivulele uDhlomo.

Unobhala weNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) esifundeni i-Harry Gwala, uMnuz Zamisile Giyama, uthe leli cala balivula mhla zingama-30 kuLwezi kodwa abakaze bayithole i-case number baze bayithola ngoba sebemashela khona.

Uthe bafuna ukwazi ukuthi amaphoyisa kanti azombopha nini uDhlomo.

“UDhlomo simufuna evalelwe. Lesi yisexwayiso kuDhlomo. Uma kungukuthi akasuli esikhundleni sakhe unyaka wezi-2019 kuzoba wunyaka onzima kuyena. Sikhathele ukulokhu sihambisa uhlu lwezikhalo ngoba vele asizithola izimpendulo.

“UDhlomo sifuna ukumsiza ukuthi abe nesizathu sokuthi asule esikhundleni sakhe ngoba vele wehlulekile ukuba wumholi eMnyangweni wezeMpilo,” kubeka yena.

Usihlalo weCongress of South African Trade Unions (Cosatu) esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, uthe bafuna kwenzeke ubulungiswa uDhlomo aboshwe ahambe ayobhekana namacala enkantolo.

“Isifundazwe sesiphenduke indawo yokugcina izilwane.

“Amaphoyisa uma ngabe kufanele ahambe ayobopha uDhlomo ayehluleka kodwa eza egijima uma ngabe ezobopha abasebenzi abalwela izimfuno zabo.

“Kade samvulela uDhlomo icala kodwa yimanxa sinikezwa manje i-case number naye futhi akakaboshwa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.