Abasebenzi bakhala ngokushoda kwama-ambulensi

2019-07-10 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmanye ama-ambulensi aduve esibhedlela i-Edendale.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmanye ama-ambulensi aduve esibhedlela i-Edendale.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASEBENZI abashayela ama-ambulensi basola uMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ngokungazikhathaleli izimpilo zabantu.

Bathe lokhu bakusho ngenxa yenkinga ababhekene nayo yokushoda kwama-ambulensi okusebenza. Bekhuluma ne-Echo abanye abasebenzi bathe indlela esekusetshenzwa ngayo ayisahambi ngokuthi ubani obike kuqala inkinga yakhe kodwa sekuya ngokuthi kubantu abashaye izingcingo becela usizo, ekabani impilo esengcupheni kakhulu. Bathe awadlulile kwamane ama-ambulensi asebenzayo eMgungundlovu.

“Uma ngabe kukhona umuntu obika ukuthi ugogo wakhe ukhishwa isisu bese ngemuva kwakhe kube khona umuntu obika ukuthi kukhona umuntu odutshuliwe okanye sekube khona ingozi, i-ambulensi izohamba iye kulabo abalimele kuqala ngaphambi kokuba iye kugogo ekuthiwe uyagula uphethwe isisu. I-ambulensi uma ngabe ihambile iyalindwa ize ibuye kube imanxa kuzokwazi ukuthi kuyobhekwa omunye umuntu onenkinga.

“Kwesinye isikhathi uke uthi uyafika ngemuva kwesikhathi ngoba kade kulindwe imoto ufike kuthiwa umuntu okade uzomulanda usehambile useqashelwe imoto ngoba abantu kade beyilindile i-ambulesnsi ingafiki,” kusho omunye wabasebenzi.

Laba basebenzi baveze ukuthi ama-ambulensi asebenzayo ilawa amasha lawa amanye amadala iningi lawo lifile alikhandwa futhi lipakile awukho umsebenzi walo. Bathi kusuke kuyinhlanhla uma ngabe kube khona ama-ambulensi amathathu okanye amane asebenzayo.

“Ngendlela isimo esibi ngayo abanye abasebenzi abashayela ama-ambulensi bagcina sekuthiwa abahambe bayosebenza ukubamba izingcingo kodwa ukubamba izingcingo kunabantu bakhona. Kugcina sekugcwala lapho kubanjwa khona izingcingo bese abanye abasebenzi bahlale bangabi nawo umsebenzi abazowenza behle benyuka usuku lonke.

“Okubuhlungu kakhulu ukuthi kwesinye isikhathi umphakathi ugcina usubeka thina icala ekubeni ungazi ukuthi kusebenza kanjani. Uma ngabe thina siphuma siya emphakathi kugcina sekuyithina esibukeka kabi engazuthi asifuni ukwenza umsebenzi wathu. Ayikho into ebuhlungu njengokuzwa ukuthi umuntu ushonile ngoba i-ambulensi ibingakafiki ukuzomuthatha imuphuthumise esibhedlela. Akusiyona inkinga ekumele engabe abantu babhekana nayo njalo uma ngabe befuna usizo lukahulumeni,” kusho omunye umsebenzi.

Bathi izimoto ezikhona ilezo ezithatha iziguli ziziyisa ezindaweni ezahlukene kodwa lezi ezibaluleke kakhulu zokulanda abantu abagulayo nabalimele zona azikho.

“Njalo uma uMnyango wezeMpilo uthi uthenge ama-ambulensi amasha kusuke kungesikona ukuthi kuzokwandiswa isibalo ukuthi abe maningi kodwa kusuke kuzovalwa isikhala salawo angasebenzi vele kuphinde kushode futhi ngoba maningi kakhulu ama-ambulensi angasebenzi. Nathi sikhathele manje akusebenzeki qobo nezimpilo zabantu zibekwa engcupheni uma ngabe kuqhubeka kanje.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni sakwaZulu-Natal uNcumisa Mafunda uthe kungamampunge ukuthi uMgungundlovu unama-ambulensi amabili asebenzayo. Uthe basaqoqa isibalo sokuthi mangaki uma ngabe esephelele.

“Abantu bezimo eziphuthumayo badlala indima enkulu uma ngabe kunengozi ngako kumele basheshe bafike endaweni yesigameko. Noma kunjalo ngenxa yokuba kukhulu kwesifundazwe kanye nesimo somgwaqo esingalungile kweminye imigwaqo ama-ambulensi ibanga (km) asewahambile akhula ngokushesha nobe sekusho ukuthi kumele ahlukaniswe aphinde futhi afike nasesikhathini sokuthi sekumele adayiswe ngokushesha. Agcina esehleli efuna ukulungiswa njalo kwesinye isikhathi kudingeke ukuba kuthengwe amanye. Kodwa ngoba ukuwathenga umnyango uyaye uphoqeleke ukuba uwasebenzise yize sekushaye leso sikhathi,” kubekayena.

Uthe umnyango uzomemezela ukuthengwa kwama-ambulensi amakhulu amasha.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.