Abasebenzi bamashele ehhovisi likaNdunankulu

2018-12-05 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amalunga eCosatu emashela ehhovisi likaNdunankulu ngesonto eledlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amalunga eCosatu emashela ehhovisi likaNdunankulu ngesonto eledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASEBENZI abangaphansi komfelandawonye i-Cosatu kanye nezinye izinhlangano ezidlelana ne-Congress of South African Trade Unions (Cosatu) bamashele ehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natali ngoLwesine olwedlule mhla zingama-22 kuLwezi (November) nalapho kade behambise khona uhlu lwezikhalo zabo.

Le mashi ibiholwa ngumongameli we-Cosatu uNks Zingiswa Losi.

PHAKATHI KWEZINTO LABA BASEBENZI AKADE BEKHALA NGAZO KUBALWA KUZONA:

•Ukuhlehliswa kokudilizwa kwabasebenzi bakwa-SABC, Eskom kanye nasezimayi.

•Ukuvikelwa kwabasebenzi ekudilizweni emsebenzini.

•Ukusayindwa komholo oyisiqalo (minimum wage) okungu-R3 500 usayindwe nguMongameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa.

•Ukuqinisa ezokuphepha kanye nezempilo emsebenzini.

•Ukuqedwa kwama-legal brokers.

Umongameli we-Cosatu uNks Losi ukhale kakhulu ngokuhlukunyezwa kwabasebenzi ezindaweni zokusebenzela. Uthe ezindaweni zokusebenza kunokuhlukumeza ngokobulili kanye nokuhlukumeza ngokocansi. Uthe abantu abaningi bagcina sebenikela ngemzimba yabo ukuze bezokwazi ukuthi bakhushulwe ezikhundleni.

“Ngisho ufunde kanjani manje awusakwazi ukuthi ukhushulelwe isikhundla emsebenzini ngenxa yalokho kodwa kumele ucambalale ukuze uzosithola leso sikhundla. Kumele sikulwe-ke lokho ukuze kuphele nya. Esikhundleni sokuthi silokhu sibheka ukuthi umuntu ukhuphuke kanjani emsebenzini kumele sibheke kakhulu ukuthi singayiqeda kanjani lento yokukhushulwa kwabantu ezikhundleni ngendlela okungayona.

“Izimo zokusebenza ezindaweni zikahulumeni azigculisi neze. Emitholampilo abahlengikazi bancane kodwa abantu baningi. Ezikoleni izingane ziningi othisha bancane.

“Abasebenzi basetshenziswa ngokweqile. Abahlengikazi bayahlukunyezwa zonke izinsuku ezindaweni zokusebenzela. Sifuna kube khona ukuphepha ezindaweni zethu zokuphepha. Ngeke sikwazi ukuthi siye emsebenzini sisaba ukuthi ngeke sibuye ngenxa yobudedengu,” kubeka yena.

UMnuz Edwin Mkhize onguNobhala we-Cosatu esifundazweni iKwaZulu Natali uthe uma kungukuthi izinkinga zabo azibhekelelwa kuze kube kushaya isikhathi sikaKhisimusi bazohlanganisa bonke abasebenzi kume nse ukusebenza, wonke umuntu abe sesitelekeni.

“Sifuna ukuthi kubhekelelwe abasebenzi abalimele emsebenzini. Sifuna kuphinde kubuyiswe nale misebenzi kahulumeni edayiswayo nenikezwa abantu abangayifanele,” kubeka yena.

UMnuz Mike Mabuyakhulu, naye obeyingxenye yale mashi, uthe kungumsebenzi wawo wonke umuntu ukubhekelela abasebenzi kanye nenhlalakahle yabo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.