AbasekuKhanyeni bayomela isifundazwe kwezomculo

2018-06-13 06:00

ABAFUNDI basesikoleni sabantu abaphila nokukhubazeka Ekukhanyeni Special School eMbali Unit 1 bacela uxhaso lomfaniswano njengoba beqokewe ukuba bayomela isifundazwe saKwaZulu-Natal emculweni wamakwaya ngemuva kokuba bephume phambili kade bemele usiFunda soMgungundlovu ngoLwesine olwedlule mhla zingama -31 kuNhlaba (May).

Lo mncintiswano obizwa nge-South African School Choral Eisteddfod Competition uzobanjelwa e-Rhema Bible Church esifundazweni i-Gauteng mhla zingama-26 kuya mhla zingama -29 kuNhlangulana (June).

Umculisi waleli kwaya uNkk Kedibone Moso uthe bajabule kakhulu ukuthi isikole sabo siyomela isifundazwe kodwa bakhathazekile ngomfaniswano njengoba abanye babafundi babo bengenawo umfaniswano wesikole ophelele kanti abanye abanayo imifaniswano osezingeni elifanele.

“Sajabula kakhulu ukuzwa ukuthi ithina esiwinile lokhu kuyakhombisa ukuthi abafundi bethu banethalente elikhulu kanti bakhombisile ukuthi kunezinto ezinhle nabo abakwazi ukuzenza njengabanye. Sifuna ukufike siwumele kahle uMgungundlovu kanye nesifindazwe kodwa sidinga usizo lo mphakathi ukuze lokhu kuzoba impumelelo. Into esiyidinga kakhulu amasokisi, ama-blazer kanye namabheji esikole kwazise indawo yokuhlala yona izokhokhelwa kanjalo nezindleko zokubamna nazo zizokhokhelwa. Sinabafundi abaculayo abangama-40 sebebonke. Sinxenxa noma ubani ongakwazi ukusilekelela ukuba bafake isandla,” kubeka yena. Uqhube wathi loku kubaluleke kakhulu kubona njengesikole kanye nakubafundi njengoba kungezinye zezinto ezibhekwayo emncintiswaneni wamakwaya.

“Ukubukeka kanye nokugqoka umfaniswano ofanayo kuneqhaza elikhulu elikudlalo kulo mncintiswano. Sizimisele kanti futhi siyathemba ukuthi sizofika siwine kulo mncintiswano njengoba sikwazile ukuthi sphume phambili seloku waqala kwizifunda ezahlukene.”

Ongathanda ukusiza angathintana nothishanhloko enombolweni ethi 082 534 8360 noma inhloko yomnyango ku078 122 4747 okanye eyomculisi wabo uNkk Moso enombolweni ethi 072 585 8491.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.