Abashone ngezinhlekelele bayaphuza ukuhlolwa

2016-12-21 06:02

KWELOMPHAKATHI ngithi ake ngicele isikhala ngidlulise isikhalo sami ngento eyenzeka njalo esiphenduke injwayezi. Kunezinto ezisicindezelayo thinandlu emnyama iningi lethu selikwamukele lokho.Okuphatha kabuhlungu ukuthi kwathina sisodwa senzelana phansi.Kufuna sikusho singahlonizi ukuthi impilo yomuntu omnyama isathathwa kancane.Namanje umuntu omnyama usathi uma exabene nomunye acabange ukuthi isixazululo isibhamu,okanye ukumbulala.Uma esefile loyo kuvulwa icala, kwalona elithathwa kancane kwezinye iziteshi zamaphoyisa. Kufe umuntu uthole ukuthi umphenyi wecala uyoqhamuka kudala hlampe senangcwaba nokungcwaba.

Ngisho umbulali aziwa kuzothiwa akukekaboshwa muntu.Kube khona amaphoyisa asebenza ngokuzinikela asukume baboshwe abenzi bobubi,badedelwe nge bheyili ababulali.Izinkantolo ziyathanda ke ukuthi ukufa komuntu omnyama ibheyili yakhona kube inkulungwane yamarandi.Okukhombisayo ukuthi impilo yomuntu omnyama isasezingeni eliphansi kungaba inkulungwane nje yamarandi.Aphume umbulali azodlula ngakubo kamufi ukuze bambone ukuthi usephumile.

Okubuhlungu kunakho konke ubunzima obubhekana nomndeni usalungiselela umngcwabo.Wehla wenyuka emakhazeni kulokhu kuthiwa akekahlolwa udokotela.Okumangazoyo ngalokhu ukuthi ezinye izinhlanga umuntu wazo ushona ngengozi namhlanje, afihlwe ngakusasa.Uxakwe ukuthi bona owabo uhlolwa udokotela osevele kuphi.Abanye bafihle ntambama.Lezi ezinye izinhlanga abantu bazo bahlolwa odokotela abehlukile yini?Kungani thinandlu emnyama kumele silinde izinsuku kwenye inkathi kube isonto lonke.Uma eshone ngoLwesihlanu uyoze abonwe ngoMsombuluko uma nibe nenhlanhla.

Lezi ezinye izizwe zona ziyithola kanjani incwadi yokungcwaba le thina edinga ama forms agcwaliswe udokotela,nesitifiketi sokushona?

Kungani imindeni eshonelwe ingake icatshangelwe ingalokhu yehla yenyuka incenga abantu abawuholelayo umsebenzi.Kungani njalo thinandlu emnyama sithathiswa kwezivakashi ezweni lethu,njalo okwethu kuyagcina.Labodokotela babiza kakhulu yini njengoba bona bencengwa uma kushone umuntu omnyama.Kwenzeka ingozi, bafike abosizo oluphuthumayo,bafike abalanda izidumbu,kuphume ezindabeni,kufike osopolitiki bezonikina amakhanda.Bese abahlola izidumbu bona bangatholakali.

Imindeni ichitha isikhathi eside kulindwe odokotela, bazithole behlukumezeke ngokuphindiwe.Kayikho into eyona umoya njengokuthi amalungeselelo esihlobo senu ancike kumuntu eningamazi ongenandaba nanomsebenzi wakhe.

Akekho ongazi ukuthi abantu abaningi emzansi bashona ngezinhlekelele, nangezandla zababi ,kodwa kuyamangaza ukuthi namanje akekho ozimisele ngokuthi asebeshonile bangaduvi emakhazeni kahulumeni.

Sicela kubaphathi bake balusukumele loludaba imindeni ingalindi ukuhlolwa kwezidumbu,lokho akwenzeke ngokushesha.Uma kunesidingo akuqashwe abanye abantu ngoba kuzindleko ukuhlala komuntu emakhazeni evinjwe yizisebenzi.

Uma kushesha kwenzinye izinhlanga,kuvimbeni kuthinandlu emnyama.Sitsheleni ukuthi zenza ngani ukuze nathi sikwenze.Noma zona zinama Medical Aid ahlola izidumbu,nathi singakwenza,sibalekele lesicefe sokuthi kuthiwe obuya kusasa,okanye udokotela uzofika emva kwa 12:00 ,kade nifike ekuseni.

Sithi kubabulali,usumbulele, umndeni usubhekene nalenkinga kungenxa yakho ukhaliswa ukufa kwakhe ukhaliswa nawukushukusha amabhentshi uyofuna usizo.

Umbulala nje ngelinye ilanga ubezokuba usizo kuwe.Ababulala ngenkemba bayofa ngenkemba,hlampe wena kuyofa izingane zakho ngesikhali ngenxa yezono zakho.

Uthini unembeza wakho njengoba sewuzwa kukhalwa?Uthini unembeza wakho uma uhlangana nezingane zakhe?Ake sithi nje phansi nokubulalana,sithi phansi nokuvikela izihlobo zethu ezingababulali.Umfunela inyanga ezomkhipha phambili nje kusasa uzobulala wena.Umfunela ummeli ophambili nje uma ephuma nguwe olandelayo.Abenzi bobubi kumele bajeze.

Bongani Mzo Ngubane

Ashdown

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.