Abasizi basematekisini bakhala ngokungaphathwa kahle

2019-05-29 06:00

ABASIZI babashayeli bamatekisi ahambela endaweni yase-Azalea kanye naseMbali Unit 18 bakhala ngokungaphathwa kahle ngabanikazi bamatekisi.

Laba basizi badinwe bavala umgwaqo kule ndawo ngoMsombuluko kwaphazamiseka ukuhamba kwamatekisi.

UMnu Nkulu Cele nongomunye wabasizi bamatekisi uthe into abayifunayo ukuhlonishwa baphathwe njengabo bonke abasebenzi.

Uthe lokhu kulandela ngemuva kokuba kushone omunye uzakwabo ngesonto eledlule esemsebenzini kodwa abanikazi bamatekisi bangafuna ukwelula isandla emalungiselelweni omngcwabo. Uthe uzakwabo washayiswa imoto washona ngasenxanxatheleni yezitolo i-Edendale Mall ngesikhathi egijima ebuya ukuyobiza abagibeli abazogibela itekisi eliya edolobheni.

“Lo muntu ushone kade esemsebenzini ezamela abanikazi bamatekisi imali, kodwa usoseshini ayikho into ayenzile ukulekelela. Amalunga amabili kuphela kasoseshini afike ngisho emngcwabeni kamfowethu.

“Kubuhlungu futhi kunzima ngoba loku kuyakhombisa ukuthi abanandaba nathi abasikhathalele. Njalo uma ngabe sithi siphakamisa izikhalazo zethu basitshela ukuthi asiqashangwa ibona kodwa ithina esibalethela imali njalo,” kubeka yena.

Uthe into aba yifunayo bona ukuthi usoseshini ubanikeze isiqiniseko ukuthi uma ngabe kukhona okubehlelayo besemsebenzini bazi ukuthi bazonakekelwa. “Njalo uma ngabe kunemihlangano sithi siyakhuluma thina kuvele kuthiwe angeke size silalelwe engathi thina asibona abantu. Nathi siyafuna ukuthi sizwakalise izikhalazo zethu nezinto esingajabulile ngazo silalelwe sihlonishwe futhi nemibono yethu.”

Imizamo yokuthola i-South African Taxi National Association (Santaco) kanye nososeshini ayizange iphumelele.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.