Abazali bakhala ngothishanhloko ongafundisi

2019-07-31 06:01

ABAZALI babafundi abafunda esikoleni samabanga aphansi KwaMadlala e-Elandskop bathi abasamufuni uthishanhloko wakulesi sikole uMnu Senzo Sithole nabamusola ngokubulala ikusasa lezingane zabo.

Abazali bathi utshishanhloko seloku kuqale unyaka akakaze alubhade egumbini lokufundisa nokugcine sekuholela ekutheni abafundi bebanga lika-Grade 7 bangayitholi imiphumela yabo yaphakathi nonyaka.

Ngokuthothola kwe-Echo uthishanhloko ufundisa isifundo i-economic and manangement scinces (EMS) ebangeni lika-Grade 7 kanti kuthiwa selokhu kwaqala unyaka akaze alubhade unyawo lwakhe ekilasini.

Ngesikhathi kuvalwa izikole okokuqala ngenyanga kaMbasa (March) izingane zayithola imiphumela kanti nesifundo se-EMS naso babenawo amamaki kodwa akwaziwa ukuthi avelaphi ngoba abafundi abakaze bafunde.

Omunye wabazali okhulume ne-Echo uthe bakhathazekile ukuthi kuzokwenzeni ngekusasa lezingane zabo njengoba sekuzophela unyaka bengakaze bafundiswe lutho esifundweni se-EMS.

“Into ayaziyo lo thishomkhulu ukufika ahlale ehhovisi usuku lonke angafundisi. Izingane kumele zibhale manje izivinyo zikaSeptember uyaphela nonyaka.

“Kumanje azizange ziyithole ngisho imiphumela azazi ukuthi ngabe ziphasile uyini okanye cha ngoba phela azinawo amamaki esifundo i-EMS,” kubeka omunye umzali.

Omunye umzali ongathandanga naye ukudalulwa igama uthe kunzima nokuthi bafunele izingane zabo izikhala ezikoleni zamabanga aphakeme ngonyaka ozayo ngoba izingane azinayo imiphumela yaphakathi nonyaka.

“Ngesikhathi kusanda kuvulwa izikole kwaba khona umhlangano wabazali nalapho sabuza khona ngemiphumela yezingane ukuthi ikuphi nokuthi bazoyithola nini. Uthishanhloko wavele wathi uyaxolisa usazoyizama.

“Usho kanjani ukuthi usazozama imiphumela yezingane ekubeni azi kahle ukuthi akazange abafundise?

“Njengoba akwazi ukuthi abafakele amamaki nje uzophinde enze loko futhi namanje? Izingane ziyasho ukuthi azikaze zifundiswe kodwa amamaki zinawo ziwathathaphi?

“Lento ayenzayo usibulalela izingane zethu ngoba uma ngabe sezifika kwezinye izinkole zizofika zingazi lutho ngoba azange zifundiswe vele.

“Sikhathele ilomthishanhloko manje akahambe asisamufuni,” kubeka yena.

UMnu Sithole nonguthishanhloko ukuphikile ukuthi lesi isifundo sakhe wathi kukhona uthisha owanikezwa ibanga lika-Grade 7 ukuthi alifundise izifundo zonke.

Uthe akusilona iphutha lakhe ukuthi abafundi abakayitholi imiphumela.

“Njengesikole samabanga aphansi uma ngabe uthisha enikelwa ikilasi ukuthi kube elakhe kumele kube umsebenzi wakhe ukuthi afundise zonke lezo zifundo.

“Into eyenzekile ukuthi uthisha ufike ngosuku lokugcina sekuzovalwa izikole namamaki ezingane angaphelele nokuyikona okwenze ukuthi abafundi bangayitholi imiphumela. Bekushoda amamaki esifundo i-EMS,” kubeka yena.

Uthe bekungasikona okokuqala ukuthi lothisha afike namamaki angaphelele engekho awalesi sifundo ngoba nangesikhathi kuvalelwa uNdasa (March) wenza esifanayo kodwa wamusiza njengothishomkhulu.

“Ngamukhuza ngalento ayenzayo ngasho ukuthi akasho uma ngabe umsebenzi uyamusinda ukuze ezothola usizo. Sinabantu lana abaphuma e-Unisa abasesikoleni angacela nakubona usizo. Mina angisazi ukuthi kumele ngenze njani ngoba ngeke ngisakwazi ukumsiza. Udaba sengilubikile eMnyangweni wezeMfundo kanye nakubahloli ukuthi ababhekane naye ngoba phela manje usehamba etshela abazali into engekho,” kubeka yena.

UMnu Sthole uveze ukuthi yena ufundisa isifundo se-Life Skills ka-Grade 6 kanti akanaso esinye isifundo asifundisayo.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMfundo ayiphumelelanga

“Into ayaziyo lo thishomkhulu ukufika ahlale ehhovisi usuku lonke angafundisi. Izingane kumele zibhale manje izivivinyo zikaMandulo uyaphela nonyaka”.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.