Abe-ANC bafuna kuboshwe ababulala osopolitiki

2018-03-14 06:02
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaAmalungu enhlangano i-ANC Youth League ngesikhathi emashela eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi ngoLwesihlanu.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaAmalungu enhlangano i-ANC Youth League ngesikhathi emashela eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi ngoLwesihlanu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USIHLALO wenhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) esiFundeni i-Moses Mabhida uMnuz Mzi Zuma usole amaphoyisa ophiko lwaka-South African Police Services (SAPS) ngokuhudula izinyawo uma kumele abhekane namacala okubulawa kosopolitiki.

UMnuz Zuma ukusho lokhu ngesikhathi kunemashi ebeyihlelwe uphiko lwenhlangano i-ANC Youth League ngoLwesihlanu mhla ka-2 kuNdasa (March) nalapho behambise khona uhlu lwezikhalo zabo eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi (Community Safety and Liaison).

Phakathi kwezinye zezikhalo zalo lolu phiko lwentsha, lifuna uMnyango wezokuPhepha koMphakathi udlale indima ekubhekeni indlela yokusebenza kwamaphoyisa ekuphenyeni amacala okubulalwa kosopolitiki, nokuthi kuphoqwe amaphoyisa ukuba azise imindeni elahlekelwe ngokwenzekayo ngamacala kanjalo nokuthi umnyango uhlole ukuphumelela kwalabo abaphenya wonke amacala okubulawa kosopolitiki.

Lolu phiko lube selunika lo mnyango amasonto amabili ukuba uphendule kuhlu lwezikhalo zawo.

Lolu hlu lwezikhalo lwamukelwe uMnuz Mnqayi nobebambele uNgqongqoshe waloMnyango uMnuz Mxolisi Kaunda nokuthiwe akakwazanga ukuphumelela.

UMnuz Nqayi uthembise ukuthi uhlu lwezikhalo uzoludlulisela kubantu abafanele kuwo lo mnyango.

UMnuz Zuma uthe ukubulawa kosopolitiki esiFundeni i-Moses Mabhida sekungaphezu kwamandla.

“Abaholi bomphakathi bayabulawa kodwa kuze kube yimanje akwaziwa ukuthi ubani obabulalayo. Ngikhuluma nje kukhona abanye bethu lapha abasinde becishe bedutshulwa. Sithi sekwanele namanje.Kufanele kuze kufe bani ngempela?

“Amaphoyisa nabezokuvikelwa komphakathi bahudula izinyawo. Bafuna ukusibona siphelile. Kwenziwa yini uma kubulawa abanye abantu basheshe bephenye ngamacala abo? kodwa uma kubulawa osopolitiki bahudula izinyawo kube sengathi akuzange kwenzeke lutho. Laba bantu ababulawayo basuke besebenza ubusuku nemini befuna ukwenza izimpilo zabanye abantu ukuthi zibe ngcono. Nabo banemindeni okumele siyicabangele,” kubeka yena.

Uphinde wakhala ngamaphoyisa athe angamavila futhi angawukhathalele umsebenzi wawo.

Uthe ayisoze yaba khona impilo engcono uma ubugebengu busadla lubi futhi ingekho into eyenziwayo ukubunqanda.

“Ayisoze yaba khona inhlalakahle ezimpilweni zabantu uma sivumela izigebengu ukuba zicanase. Ngisho umnotho awusoze wasimama uma kusakhona izigebengu kanjalo namathuba emisebenzi azoqhubeka abe indlala.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.