Abe Special XI bazimisele ukunqoba kowe-EFA League

2019-09-18 06:02

UMDLALI waseswini weSpecial XI, u-Lindokuhle Sobisi, uthi bafuna ukuwina isicoco se-EFA League ngempumelelo.

Leli qembu lizobhekana neVubela e-Edendale eCaluza ngeSonto emini mhla zili-15 kuMandulo (September).

Uthe bayalihlonipha iqembu abazodlala nalo ngokuba banabadlali abadlala kahle kulezi zinsuku, abashaya amagoli.

“Ukuzethemba kubukeka kubuyile eqenjini. Imidlalo esiyidlalayo sesiyakwazi ukuyinqoba futhi. Sesiqalile ukunqoba imidlalo ilandelana selokhu kuqala unyaka wezi-2019.Kuzobonakala ukuthi kuzohamba kanjani uma sesibhekene namaqembu akwi-league yethu,”kubeka yena.

Ukapteni weSpecial XI u-Oscar Shabane uthe bazothembela ebuhlakanini bomqeqeshi uSanele Vilakazi ofike washintsha izinto kuleli qembu.

“Sizothembela kumqeqeshi wethu ukuthi asinike amaqhinga okuwina lemidlalo. Kuningi akwaziyo ngebhola lezinyawo, useneminyaka edlulile ku-11 esebholeni. Uzosisiza ukuthi sinqobe le ndebe,” kusho uShabane.

Uthe akuthandayo ngeqembu lakhe ukuthi bonke abadlali bayawenza umsebenzi uma benikwe ithuba lokudlala.

“Ungathatha abadlali abasebancane beSpecial XI ubafake enkundleni uzothola ukuthi bazowenza ngendlela umsebenzi. Noma uthathe laba abangajwayele ukudlala nabo bafike benze into efanayo. Lokho kukhombisa ukuthi sinabo abadlali abasezingeni eliphezulu kuleli qembu,” kusho uShabane.

UShabane uthe yonke imidlalo yabo kule-season izoba nzima kubona kodwa bazosebenzisa ukuthi badlalela ekhaya.

Amaqembu atonyulwe kuqala yiwona azodlalela ekhaya.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.