Agcine evuliwe amanzi eGeorgetown

2020-02-05 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsikole samabanga aphakeme i-Georgetown ebesivalelwe amanzi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsikole samabanga aphakeme i-Georgetown ebesivalelwe amanzi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUFUNDA sekubuyele esimeni esejwayelekile esikoleni samabanga aphakeme iGeorgetown kulandela ukuvalelwa amanzi umasipala uMsunduzi ngoba uthi isikole sikweleta imali elinganiselwa ku-R2 million.

Lesi sikole sivule singenawo amanzi nokube sekuphoqa ukuthi abafundi baphindele emakhaya kungakashayi isikhathi sokuphuma kwesikole. Ngesonto eledlule uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal ube nezingxoxo nomasipala uMsunduzi ngesonto eledlule, base bevumelana ngokuthi amanzi avulwe kulesi sikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi ukuqinisekisile ukuthi ngempela amanzi asevuliwe uthe umnyango uzophinde ube nomunye umhlangano nomasipala kuleli sonto ukubheka ukuthi lesi sikweletu singakhokhwa kanjani.

Ngesonto eledlule umasipala uMsunduzi wakhipha isitatimende esiqinisekisayo ukuthi ngempela lesi sikole sikweleta imali elinganiselwa ku-R2 million. Saphinda saveza nokuthi lesi sikole sagcina ukukhokha kamasipala ngenyanga kaMbasa (April) 2019.

Sithe umasipala ubulokhu uzama ukuxoxisana nesikole ukuthi size phambili senze izinhlelo zokuthi sizokhokha kanjani.

Incwadi yokugcina eyathunyelwa kulesi sikole bekuyinyanga kaLwezi ( November) kodwa isikole asizange size siphendule.

Abafundi bakulesi sikole bebephuma ngo-11am zonke izinsuku seloku bevulile, kodwa manje isimo sesibuyele kwesejwayelekile.

Amanzi avulwe ngoLwesihlanu mhla zingama-24 kuMasingana (January).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.