Akakatholakali owathunjwa kuhlaselwa umuzi e-France

2018-07-18 06:01

UNINA wentombazane eyathunjwa ngesikhathi kuhlaselwa uphinde kushiswa umuzi endaweni yase-France emasontweni amabili edlule uthi seloku kwathunjwa indodakazi yakhe akasabuthi quthu ubuthongo ebusuku.

UNkk Nokphiwa Masango ubexoxa ne-Echo ngodaba lokuthunjwa kwendodakazi yakeh uNks Noxolo Masango (28).

UNoxolo wathunjwa ngenyanga eyedlule ngesikhathi kuhlaselwa umnikazi womuzi abeqashe kuwona nesoka lakhe endaweni yase-France. UNks Thokozani Kunene (39) nongumnikazi womuzi wahlaselwa wagwazwa waqede washiswa nendlu washona kanti umfowabo yena endlini uKhehla Sibisi (37) waphuthunyiswa esibhedlela kodwa kugcine ngokuthi ashone naye.

Ngesikhathi kwenzeka sonke lesi sigameko kwabe sekuthunjwa uNoxolo nokumanje okungaziwa ukuthi ukuphi.

Unina wakhe uNkk Masango wasendaweni yaseHopewell uthe nakuba sekudlule isikhathi eside indodakazi yakhe ithunjiwe njengomndeni basanethemba lokuthi bazoyithola isaphila.

Uthe : “Amakhanda ethu asadidekile njengomndeni asisazi ukuthi senze njani sibuhlungu ngenye indlela. Sisanethemba kona lokuthi sizomthola.Akulaleli ebusuku akungeni ngisho ukudla.

Abukho ubuhlungu engibufanisa njengalobu. Lobu ibona buhlungu obunzima engake ngabuzwa.

Ngiyathandaza ukuthi abantu abathathe indodakazi yami bangayilimazi kodwa bathambise izinhliziyo zabo bayidedele,” kubeka yena.

UNoxolo uthunjwa nje ushiye ingane yakhe eneminyaka eyi-8 ubudala nathe unina wakhe ikona okubakhathaza kakhulu.

“Kumanje ingane yakhe ayikho ihambile iye ekhaya layo kuboka baba wayo ngoba asifuni ukuthi nayo igcine isizwa lobu buhlungu esibuzwayo okwamanje. Sicela noma ubani nje nkosi yami ongaba nolwazi lokuthi ingabe yami ishoniswephi. Noma kungabe uyabona ke intombazane ehudulwayo abafana ukuthi aphuthume ayobika emaphoyiseni. Asisoze sakuthola ukuphumula singayitholi indodakazi yethu,” kuphetha yena.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini samaphoyisa i-Alexandra uKapteni Kholeka Mhlongo ukuqinisekisile ukuthi uKhehla Sibisi ugcine eshonile ngenxa yokulimala ngesikhathi eshiswa. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, Elokubamba inkunzi, elokushisa, elokuzama ukubulala kanye nelokuthumba. Ube esenxusa amalunga omphakathi anolwazi ukuba aphumele obala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.