Akakutholi ukuphumula olahlekelwe umshana

2018-05-23 06:01
ISITHOMBE : SITHUNYELWEUMnuz Siphosonke Gumede osekuphele iminyaka emibili elahlekile.

ISITHOMBE : SITHUNYELWEUMnuz Siphosonke Gumede osekuphele iminyaka emibili elahlekile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waseThembalihle e-Eastwood owalahlekelwa umshana wakhe ngo-2016 uthi usekhalela noma ukuthola ithambo lakhe uma kungukuthi umashana sewashona.

UMnuz Fumanani Madiba uthe umshana wakhe uMnuz Siphosonke Gumede (32) walahleka ngoZibandlela (December) wonyaka wezi-2016.

Uthe selokhu umshana wakhe anyamalala inhliziyo yakhe ayikaze ikuthole ukuphumula kangangoba usesizwa ukuba matasatasa ukuze azame ukukhohlwe ngobuhlungu abuzwayo.

Uthe: “Ngesikhathi elahleka umshana wami ngangingekho ngangise-Pinetown. Ngathola ucingo olungitshela ukuthi akasekho usebalekile ekhaya ngemuva kokugqekeza antshontshe izinto okubalwa kuzona ama-microwave, umabonakude nokunye endlini yami wabe eseyabaleka.

“Ngathi uma ngibuya ngatshelwa ukuthi unyamalele akaziwa ukuthi ushonephi. Sengizame kaningi ukumfuna kodwa angimutholi.

“Anginandaba nokuthi wenzani into engiyifunayo nje ukuthi abuye ekhaya uma kungukuthi usaphila ukuze sizokwazi ukuthi siqhubeke nempilo.

“Ngisho kungathiwa kwenzakaleni ekugcineni usayigazi lami futhi siwumndeni siyadingana. Uyena kuphela engisele naye nezingane ngiyamudinga. Ngeke ngize ngikuthole ukuphuma ngingazi ukuthi washonaphi.

“Abantu babuye bathi bamubonile e-Raisethorpe kodwa uma mina ngiya kombheka angimtholi.

“Uma kungukuthi akasaphili kulungile ngizokwamukela lokho ngimungcwabe ngendlela ehloniphekile njengabo bonke abasishiya emhlabeni emndenini wethu,” kubeka yena.

UMnuz Madida uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi babebhalisele indlu yomxhaso nomshana wakhe kodwa manje abakwazi ukuyithola ngenxa yokuthi umshana wakhe akekho ukuze ezoyisayinela.

“Sengize ngaphoqeleka ukuba ngiyisayinele mina ngoba yena akekho nokuyinto ebengingathandi ukuyenza.

“Uma kungenzeka noma yini kumina ngiyamdinga kanjalo naye uyangidinga empilweni yakhe njengoba kuyithina nje sobabili kuphela manje.”

Uthe umshana wakhe ubengumntwana olungile kodwa kwaqala ukonakala ngonyaka ka-2014 ngesikhathi eseqala ukubhema iwunga.

Uthe kusuka lapho umshana wakhe wavele wamushintshela.

UMnuz Madida uthe uma kungukuthi uyamthola umshana wakhe uzokwenza konke okusemandleni ukuthi amelekelele aqale impilo entsha enokujabula ashiye phansi izidakamizwa.

Uthe usezame kaningi nokuya emaphoyiseni ethi uyobika kodwa bamutshela ukuthi akabhale incwadi efungelwe ngoba sekuphele isikhathi eside engamubiki ukuthi ulahlekile.

Noma ubani onolwazi ngokulahleka kukaMnuz Siphosonke Gumede ebgaxhumana noMnuz Madida enombolweni ethi: 062 283 1631.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.