Akananqubekela phambili owavalelwa umazisi

2018-02-21 06:00
PHOTO: sourced

PHOTO: sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USEPHILA ngamatoho owavalelwa umazisi ngabo Mnyango wezaseKhaya ngenxa yokusolakala ukuthi akasiye owakuleli.

UMnuz Simon Phiri (65) wase-France eMgungundlovu uthe impilo yakhe ayinayo inqubekela phambili selokhu athola ukuthi umazisi wakhe uvaliwe ngo-2015.

Ekhuluma nentatheli yephephandaba i-Echo uMnuz Phiri uthe wethuka izanya ngesikhathi ethi uya ebhange ngo-2015 bemtshela ukuthi umazisi wakhe awusebenzi ngenxa yokuthi uMnyango wezaseKhaya uwuvalile.

Uthe ngemuva kokuthola lezi zindaba ezishaqisayo wahamba waya ehhovisi loMnyango wezaseKhaya eliku-Church Street ukuyothola izimpendulo.

Uthe: “Ngafika khona ngabachazela ukuthi ngithole umbiko wokuthi umazisi wami uvaliwe ngaphandle kwemvume yami. Bangithatha izithupha kwathiwa angibuye ngemuva kwamasonto amabili.

“Uma sengibuya bangitshela ukuthi angihambe ngiyolanda ubufakazi babazali bami ukuze bezoba nesiqiniseko sokuthi ngingowakuleli. Abazali bami sebashona ngakho ngabanikeza izitifiketi ezishoyo ukuthi abasekho emhlabeni,” kuchaza yena.

Uqhube wathi ngemuva kokubona ukuthi akalutholi usizo eMnyangweni wezaseKhaya waqoka ukubhalela ihhovisi lamaLungelo aBantu (Human Rights) kodwa bamudlulisela kuMvikeli woMphakathi (Public Protector).

“Uma sengibuyela kuMnyango wezaseKhaya bangithatha izithupha futhi, bathi kungenzeka ukuthi kukhona omunye onenombolo kamazisi efana neyami yingakho owami umazisi uvaliwe. Emuva kwalokho bangitshela ukuthi kuvela ukuthi angisiye owakuleli, ngingowasezweni laseMalawi yingakho umazisi wami uvaliwe.”

UMnuz Phiri uthi akasazi ukuthi enze njani njengoba noMnyango wezaseKhaya ungamusizi.

Uthe wazama ukuthola usizo kummeli kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Mina ngazalelwa kulelizwe ngakhulela la angikaze ngiye ndawo. Ngisho isitifiketi sami sokuzalwa siyasho ukuthi ngingowala. Okungixakayo ukuthi kungani kuzovela manje ukuthi angisiye owakuleli. Angikwazi ngisho ukubhalisela impesheni sengiphila ngamatoho ukuze ngithole imali. Ngiyaludinga ngempela usizo.”

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya eMgungundlovu uMnuz Thabo Mokgola uthe udaba lukaMnuz Phiri seludluliselwe kwimenenja yesifundazwe yalo mnyango.

“Imenenja izoqoka ithimba elizoxhumana noMnuz Phiri ukuthola eminye imininingwane ngalolu daba ukuze luzoxazululwa,” kusho uMnuz Mokgola.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.