Akeneme ohlinzwe wangathungwa esibhedlela

2018-04-11 06:02
PHOTO: SUPPLIED

PHOTO: SUPPLIED

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNINA wowesifazane wasendaweni yaseMpophomeni uthi akazi kuzo kwenzakalani ngekusasa lengane yakhe eyahlinzwa esibhedlela i-Northdale esikhathini esingange nyanga esedlule njengoba namanje ingakathungwa.

UNkk Zodwa Ndlovu uthi indodakazi yakhe uNks Nonjabulo Molefe (23) wangena kulesi sibhedlela mhla ka-9 kuNhlolanja (February) eyobeletha wafike wabeletha ngomthungo wabe esededelwa ukuba aye ekhaya mhla zili-11 kuNhlolanja (February).

Emva kwezinsuku ezimbalwa ebuyele ekhaya wezwa isigaxa esiqinile esiswini ngenhla komthungo unina wabe esemubuyisela esibhedlela.

Uthe: “Ngambuyisela esibhedlela mhla zili-27 kuNhlolanja ngoba ngangifuna bemuhlole ukuthi yini lena engaphakathi.

Babe sebeyamuhlinza bethi bafuna ukumkhipha sona lesi sigaxa kodwa kuze kube yimanje abakaze bemthunge. Kunalokho bamufaka ibhandishi bamuhlanze njalo emva kwezinsuku ezintathu. Okungixaka kakhulu ukuthi abakaze bangitshela ukuthi yini lena eyayingaphakathi esiswini nokungenza ngisole ukuthi kungenzeka ukuthi kunento abayishiya ngaphakathi esiswini sendodakazi yami ngephutha.

“Uma ngibuza ukuthi yini bengangitsheli ukuthi batholani esiswini sakhe, bangitshela ukuthi kwakuwubovu nje kuphela ayikho into etheni. Ubovu olunjani oluqina lube isigaxa?

“Angikaze ngizwe kuthiwa umuntu uhlala isikhathi eside kangaka engathungiwe,” kuchaza yena.

Uqhube wathi indodakazi yakhe ibisikhala ubusuku nemini ngesikhathi ihleli esibhedlela ithi ayisafuni ukuhlala khona waze wanquma ukuba ayikhiphe iyohlala ekhaya.

“Ngamkhipha esibhedlela ngoLwesine mhla zili-22 kuNdasa (March) kanti nabo esibhedlela bavele balibeka ngembaba ukuthi vele ngeke basamuthunga. Ngibone singasekho isidingo sokuthi aqhubeke ahlale khona esibhedlela ekubeni ngazi kahle ukuthi ayisekho into abasazomusiza ngayo.

“Ibuhlungu lento abayenze enganeni yami angazi nokuthi ngenzenjani. Kunalokho bayitshele ukuthi kumele ilokhu ibuya njalo uma sekuphele inyanga bayoyihlola ukuthi iqhuba kanjani. Ngizokwenzenjani uma kungukuthi lembobo ayisavaleki ?

Ngifuna izimpendulo zokuthi kwenzeka kanjani lokhu nokuthi ngabe kuvumelekile yini?.

“Angisakwazi nokulala ebusuku akusavumi noma ngidle ngoba angazi ukuthi kuzokwenzekalani ngendodakazi yami.

Sizo kwenzenjani uma sesithola ukuthi ngeke besakwazi ukumthunga kwazise sekudlule isikhathi eside kangaka?”

UNks Molefe utshele i-Echo ukuthi usephila ngamaphilisi ezinhlungu ngenxa yobuhlungu abhekana nabo zonke izinsuku. Uthe ufuna isibhedlela siyikhokhele lento esimenze yona.

“Kuze kube yimanje angikwazi ukugoba kahle ngenxa yezinhlungu. Ibuhlungu lento abangenze yona ngoba akukho ngisho noyedwa owangichazela ukuthi kwenzakalani,” kubeka yena.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uNkk Ncumisa Mafunda ukuqinisekisile ukuthi uNks Molefe wangeniswa esibhedlela wahlinzwa waqede wangathungwa.

“Lesi isinqumo esathathwa ngodokotela kanti siyindlela engcono yokuqinisekisa ukuthi inxeba alikutholi ukungcola uma kuqhathaniswa nokuphinde kuvalwe isikhumba ngomthungo. Ngesikhathi kuthathwa lesi sinqumo isiguli saziswa ngaso kanjalo nalowo osondelene naso. Sabe sesidedelwa esibhedlela sanikezwa nencwadi yasemtholampilo ukuze ayohlolwa ukuthi uphola kanjani,” kubeka yena.

UNks Molefe ukuphikisile lokhu okushiwo uMnyango wezeMpilo wathi umama wakhe uyena owaze wanquma ukumkhipha esibhedlela ngoba ebona ukuthi alukho uziso alutholayo kanti futhi akekho ofuna ukumsiza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.