Alikho iphutha elenziwe i-Safa

2018-04-11 06:03

INHLANGANO ephethe ibhola eMzansi i-South African Football Association (Safa) ithi izwe lonke kanye nabathandi bebhola kufanele bazi ukuthi akukho okuyiphutha ekwenzile.

Lenhlangano ikuqinisekisile ukuthi isazohlala phansi inqume usuku lapho kuzoba khona ukhetho lwezikhundla .

Izinkomba zithi kungenzeka bahlanganise amakhanda ekupheleni kwalenyanga ephezulu.

Kanti kuzothi ngo-April 28 i-Safa ibize umhlangano oyisipesheli (special congress) ukuzoxilonga, babuyekeze nemithetho ethize esemqulini wayo.

Phela lokho bakwenza ngoba izitha zabo zilokhu zikhombe njalo ukungagcini i-Safa imithetho ebhalwe emqulwini wabo.

“Sesiyoqoka usuku olusha lokukhethwa kwezikhundla. Uma sesihlangene kuzofanele kube khona imithetho eshicilelwayo, sishintshashintshe lapha nalapha mayelana nemithetho yokukhethwa kwezikhundla,”kusho isikhulu se-Safa uMnuz Dennis Mumble.

Kulezinsuku i-Safa ilokhu ihlokolozwa ithuswa ngemithetho yayo ekusomqulu wayo.

Abanumzane nosaziwayo ebholeni njengo Ace Ncobo abazwile kanti bacubungula kwasani ngemithetho yoketho nakho konke nje ekusemqulwini we-Safa.

Phela i-Safa igcineisihlehlise nokukhethwa kwezikhundla ngenxa kaMnuz Ncobo olukho ekukhombe njalo ukungalandelwa kwemithetho yilenhlangano.

Ngasekupheleni kwesonto eledlule uMnuz Mumble wabiza umhlangano wezintatheli nalapho ayebhodla khona umlilo aze asho ukuthi kukhonaiqeqebane labantu namaphephandaba afuna ukucekela phansi i-Safa.

Uthi kuyaxaka ukuthi sebebaningi manje abantu abalokhu bekhomba amaphutha kusomqulu nasemthethweni wokukhethwa kwezikhulu zalenhlangano.

UMnuz Mumble uthi kukhona nje abazimisele ngokufafaza amanga nezindaba ezingekho nge-Safa.

“Usomqulu kanye nemithetho eminingi ye-Safa yakhiwa ngokulandela imigomo ka-Fifa. Akukho okuyiphutha i-Safa ekwenzile, futhi-ke okuxakayo akukho okwakufihlwe i-Safa ngoba konke ngenhlangano kade kwaba khona ezinkundleni zokuxhumana [website].

“Zibuze ukuthi yini manje abantu abangaka sebebona amaphutha amaningi kanye nokufafazwa kwamahebezi angekho nge-Safa.”

Lesikhulu siyaphika ukuthi ukukhethwa kwezikhundla kwahlehla ngoba kukhona amaphutha atholakele.

“Cha akunjalo ukuthi nje umsebenzi wawumningi kanti nesikhathi sasingavumi kahle.”

Lesikhulu siphinde saqinisekisa ukuthi sekunekomiti elinamadoda ayisishiyagalombili kanye nosihlalo

uAdvocate McCaps Motimele nabazobe bejutshwe ukucwaninga amabhuku enhlangano.

Emasontweni amabili uMzansi nomhlaba wonke wathuswa wukufika kwesikhulu se-Fifa uMnuz Véron Mosengo-Omba ukuze ahlanganise uMnuz Ncobo ne-Safa. Kodwa uMumble uyakuphika ukuthi inhlangano ephethe ibhola lomhlaba,i-Fifa yathumela lesikhulu ukuze sizothetha ngokwenzekayo nokuzobaxwayisa, kodwa wayezoqiniseka ukuthi imithetho yebhola iyalandelwa. Kanti kubikwa ukuthi i-Safa isalokhu izibuze njalo ngokuhloswe ukuqhamuka kwamahlebezi ashiwo yilowo osola uMnuz Danny Jordaan, onguMengameli we-Safa ngokumnukubeza ngokocansi. Le nhlangano nekomiti lalo eliphakeme nelinamandla kakhulu likuqinisekisile ukuthi lizolokhu limxhasile njalo uMengameli walo ngoba phela usathathwa njengomuntu omsulwa aze ayohlulelwa enkantolo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.