Alukhuni ama semi-finals e-Nedbank cup

2016-05-18 06:00
PHOTO:sourced

PHOTO:sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMATHIKITHI amasemi fayineli eNedbank Cup aseyatholakala ezikhungwini zamathikithi kuzwelonke. Kanti abathandi bebhola bayanxuswa ukuthi baqiniseke ukuthi bayawathenga amathikithi kusakhanya ngoba ahamba njengamakhekhe ashisayo.

Lamathikithi atholakala kwaShoprite Checkers naseComputicket. Phela abalandeli nabathandi bebhola laseMzansi bazokhumbula ukuthi kuloMgqibelo esiya kuwona izinkunzi ezisasele kweNedbank Cup zizobe zinephuzana ukuze zizibeke ethubeni lokuqhubekela kweyamanqamu (finals). Amakilabhu asasele nekubhekeke ukuthi enze ezibukwayo ukufinyelela ezweni lesethembiso afana no Orlando Pirates, Baroka FC, SuperSport United kanye Free State Stars.

Yonke lemidlalo izodlalwa ngosuku olulodwa, ngaloMgqibelo wakusasa (May 14).

Ntambama ngoMgqibelo AmaBhakaBhaka azobe ehambele eFree State, enkundleni ebizwa ngeGoble Park lapho eyobhekana neFree State Stars.

Umdlali wePirates ozalwa ePort Shepstone u-Ayanda Gcaba nongomunye weziqonqwane emuva uthi lonke iqembu lakhe liyazi ukuthi iFree State Stars izodlalela ukufa nokuphila futhi angeke kube lula ukubhekana nayo ekhaya.

“Kozoba nzima kodwa thina sifuna ukuwina futhi siphethe isizini ngenkomishi. Sifuna ukuhlonipha abalandeli bethu kanye noSihlalo wethu u-Irvin Khoza ukuze phela kufane nomthoba nhliziyo kulesizini,”kusho uGcaba. Kulomdlalo iFree State Stars izobeka amathemba ayo ku-Andrea Fileccia osabahola phambili eqenjini lakhe ekushayeni amagoli (6). Omunye wezikhulu zaleliqembu uRantsi Mokoena uthi bona bathokozile ukuthi AmaBhakaBhaka azobe ebavakashele ngoba bazosingathwa kahle kwiPhulovinsi yaseFree State.

“Thina lapha eFree State sinobubele futhi asive nje siphathana kahle. IPirates nayo izozibonela, kodwa-ke la kuzobe kuhlangenwe ngeNedbank Cup.

Bafuna ukuwina kanti nathi angeke sibayeke bazenzele ngoba phela thina sesiphupha amafayineli alomqhudelwano. Kuzoba nzima kodwa sizobadla ngoba sizobe sidlalela ekhaya,”kusho uMokoena.Kanti ngosuku olufanayo ebusuku iSuperSport United izobhekana neBaroka FC eLucas Moripe Stadium.

Wonke uMzansi uyazi ukuthi leliqembu lalezifanyana iBaroka FC ihleze ithathwa njengofishi abancane abahlala bedla abakhulu. Nakulomdlalo iSuperSport United kungenzeka izithole isenkingeni.Iqiniso lithi akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni, kodwa izazi zithi kungenzeka izifanyana zithole uswazi olungasukumi phansi bese womabili amaqembu akwiPSL azogcina ehlangene kumafayineli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.