Ama-Olympics ka-2016 eRio azophazamisa izinhlelo zePSL

2016-02-17 06:00

UKUQALA kwesizini kwesizini ezayo yePSL kungenzeka kuphazamiseke kakhulu ngenxa yama-Olimpiki eRio De Janero eBrazil kuwo lo nyaka.

Ngenxa yale midlalo edume umhlaba wonke, phecelezi Olympics, izinkomba zithi izinhlelo zeligi ngesizini ezayo noma entsha zizophazamiseka kakhulu.

Imibiko ibuye ithi ngenxa yale midlalo isikhathi esingangenyanga esizodleka noma esizodingeka ngenxa yamaqembu aseMzansi azobe ekhona. Phela kuzokhumbuleka ukuthi iqembu laseMzansi elibizwa ngokuthi Team South Africa lizenzele umlando ngalo nyaka ngobe lizobe limelwe yiBanyana Banyana neSA Under 23 yabesilisa. Okuletha amathemba ngamalungiselelo ukuthi izinhlangano ezithintekayo, iSouth African Football Association (Safa), PSL neSascoc zibukeka zizimisele ukusebenzisana ngokuzwana, lokho okungenza amamedali azowinwa athi ukuthi xaxa. Imidlalo yalolu hlobo, ama-Olimpiki (Olympics) ixuba imidlalo eminingi njengezokusubatha, isibhakela, ibhola, abaqubuli bezinsimbi, izikebhe, imicibisholo kanye neminye.

Iqembu labesilisa abangaphansi kweminyaka engamashumi ababili nantathu (men’s U23 team) yazicabela indlela eya eBrazil emva kokuphuma isithathu emidlalweni yama African Under-23 Championship eSenegal ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Le midlalo ibhekeke ukuthi iqalwe zi-3 kuya 21 kuNcwaba. IPSL isanda kukhipha umbiko othi ngisho nemidlalo yeNational First Division (NFD) nayo izohlehliswa ukuthi uMzansi uqoke iqembi eliqinile neliyozibamba ziqine eRio (Brazil).

Isikhulu esibhekene nokuhlelwa kwemidlalo yePSL uDerek Blanckensee uthe miningi imininingwane nezimo ezibhekeleliwe nezinye ezisazocutshungulwa isigungu sakhe esikhulu sePSL (executive committee) ukuze izinhlelo zingaphazimiseki futhi kusetshenzwe kahle.

“Khona ukusebenzisana nemihlangano mayelana nama-Olimpiki iyathembisa futhi kusetshenziswana ngomoya omuhle ngoba phela zonke izinhlaka zibambisene. Kodwa-ke mangisho ukuthi okuningi kuzocaca khona maduze,” kusho Blanckensee.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.