Amadoda amashele ukuhlukunyezwa kwabesifazane

2018-12-26 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amadoda eyingxenye yemashi emelene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amadoda eyingxenye yemashi emelene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA kaMasipala uMsunduzi uKhansela Themba Njilo uthi bazimisele ukulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane.

UNjilo ubekhuluma kanje ngoMsombuluko mhla zili-17 kuZibandlela (December) nalapho kade ehola khona imashi yamadoda yokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Le mashi isuke emgwaqeni u-Retief Street yaze yayophelela e-City Hall nalapho befike baba khona nohlelo olubizwa ngokuthi yi-Father and Son Programme okulapho obaba bethole khona ithuba lokuxoxisana namadodana abo futhi bewafundisa ngokukhula babe ngamadoda angempela angabahlukumezi abantu besifazane.

UMnuz Njilo, naye obehamba nendodana yakhe uPhumlani Njilo, uthe kuyamjabulisa kakhulu ukuthi bengumasipala bakwazi ukuthi babe nohlelo olufana nalolu.

“Ngalolu hlelo sizama ukukhulisa izingane zethu zabafana ukuba zibe ngamadoda siphinde sizame ukulwisana nezidakamizwa kanye nobugebengu endaweni yethu yaseMsunduzi. Siyazi sonke ukuthi kuthatha isizwe sonke ukuthi ukhulise ingane yingako nathi senza uhlelo olufana nalolu.

“Okujabulisa kakhulu ukuthi senza lolu hlelo ngemuva kwezinsukwana kuphele umkhankaso owaziwa ngokuthi yi-16 Days of Activism nolwiswana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, kodwa lokho akusho lutho kuthina ngoba sizimisele ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Izingane zethu zabafana kumele sizifundise ukuthi umuntu wesifazane uphathwa kahle, uyahlonishwa futhi akahlukunyezwa.

“Sinawo umnyango kumasipala wethu obhekelele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kanti ngizobalandelela ngemuva ukwenza isiqinisekiso sokuthi bayaphuma baya emiphakathi bayosiza labo abayizisulu zokuhlukunyezwa. Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuthi abantu besifazane abaningi abakhulumi ngokuhlukunyezwa kwabo kanti lokho kuyabalimaza kanti futhi kulimaza nabanye ngoba lowo muntu ohlukumezayo uzolokhu eqhubekile.

“Sinxusa abantu ukuba mabaphumele obala bakhulume ngokuhlukunyezwa ukuze abenzi bobubi bezojeza,” kubeka yena.

UMfundisi Khomo obeyingxenye yalolu hlelo ehambisana nendodana yakhe, uMthobisi Mathenjwa, uthe kubaluleke kakhulu ukuba bona bengobaba baxoxisane nezingane zabo zabafana.

“Likhulu iqhaza izingane zethu ezingalibamba ekulwisaneni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Abantu besifazane badinga ukuhlonishwa ngoba singamadoda sizalwa ngabantu besifazane, sinabodadewethu kanti futhi sishada yena umuntu wesifazane.

“Isihluku ekuhlukunyezwa ngaso abantu besifazane siyadabukisa. Ngalolu hlelo sifuna ukwazi ukuthi kungabe lento ibangelwa yini ngoba ngezikhathi zethu sisakhula kwakungekho konke lokhu kuhlukumeza,” esho.

Indodana yakhe, uMthobisi, ibeke kanje: “Nathi siyintsha singasiza ekulwisaneni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Uma singashintsha indlela esenza ngayo sihloniphe abantu besifazane yonke into ingalunga.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.