Amalungu omphakathi amasheleizidingo zawo

2018-02-28 06:00
Amalungu omphakathi ngesikhathi emashela e-City Hall ngoMsombuluko.ISITHOMBE: Lethiwe makhanya

Amalungu omphakathi ngesikhathi emashela e-City Hall ngoMsombuluko.ISITHOMBE: Lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi wase-Edendale kanye nezindawo ezakhelene nayo anqumele uMasipala uMsunduzi ugwayi katiki ukuba uphendule uhlu lwezikhalo zawo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kungenjalo bazo dlulisela izikhalo esifundazweni.

Lama lungu omphakathi abengaphezu kwenkulungwane (1000) amashele e-City Hall ngoMsombuluko ehambise khona uhlu lwezikhalo zawo. Le mashi esuke enkundleni yezemidlalo i-Deles Park idonse amehlo abaningi njengoba bekuvalwe umgwaqo uLangalibalele.

Lo mphakathi obuthukuthele ugane unwabu ubuphuma ezindaweni ezahlukene kubalwa kuzona eDambuza, e-Edendale, e-Willowfontein, eMbali kanye nezinye.

Kuhlu lwezikhalazo ebezihamba phambili kule mashi bewuku ngalethwa kwezidingo ngqangi emphakathini kubalwa izindlu nemigwaqo nokukhwabanisa okuqhubeka ngaphakathi kulo masipala.

Amanye amaphuzu abhalwe kuhlu athi umphakathi ufuna kubuyiselwe abasebenzi abayizi-1052 ngokushesha abaxoshwa ngokungekho emthethweni kulo masipala, ukuphenywa kwemininingwane yezindawo ezingaphansi kwegama likamenenja yalo masipala uMnuz Sizwe Hadebe, incazelo ekutheni kungani uMnuz Hadebe esebenzisa ama-signature amathathu ahlukene uma esayinda izinto zomkhandlu nokubuyiswa kwezigidi zezimali ekuthiwa zadliwa obeyi menenja yaka-Economic and Sustainable Development.Laba basebenzi basole abaholi bakwamasipala ngokuba ogimbela kwesakhe bengacabangeli izakhamizi.

Ikhansela laka ward-21 kwaDambuza uMnuz Mntuza Mkhize usole iMeya yalo masipala uKhansela Themba Njilo ngokuthatha imiyalelo kosopolitiki abachaze njengabangcolile. “Siyakuthanda meya kodwa abantu osebenzisana nabo bangcolile. Kukuwena ukuthi ufuna ukulwela abantu bakho noma ufuna ukuqhubeka usebenze nalaba bantu abangcolile.

“Sifuna kuphele ukukhishwa kwamathenda ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Njengoba umasipala wadiliza ematsheni abantu bakithi abadayisa khona sifuna bakhelwe imipheme.

Nalabantu abahlala emahhostela ku-East Street nabo sithi abakhelwe amahhostela anobuntu ayi lawa engathi awangesikhathi sobandlululo,” kubeka uMnuz Mkhize.

Uphinde wanxusa umasipala ukuba uhlanze idolobha elingcolile.

UMnuz Zamisile Diyane we-National Health Education and Allied Workers Union (Nehawu) nokade kunguyena obefunda uhlu lwezikhalazo uthe ukuziphatha kahle kwabo kule mashi akusho ukuthi noma sebebuya futhi bazobe besaziphethe kahle. Uthe: “Lo masipala uphethwe budlabha. Izinto enizenzayo kulo masipala senza singabuthembi ubuholi benu. Nehlulekile ukuphatha.”

Le mashi ibihanjelwe nayizaguga ezithe zikhathele umasipala ongazicabangeli.

Esinye isaguga saseMbali esingathandanga ukuba kudalulwe igama laso sithe into esikhala ngayo kakhulu kumasipala indaba yamanzi nogesi. Sithe: “Sifuna umasipala usicabangele ngendaba yamanzi thina singabantu abadala futhi siziphilela ngempesheni uma kumele sikhokhe izimali ezimba eqolo ngamanzi nje ewodwa kuthiwa thina sizophila kanjani?

“Kwesinye isikhathi imali yamanzi iyaye ifike isho o-R700 ngenyanga nokuyimali enkulu kabi kithina esiziholela impesheni.

“Sifuna umasipala uxoxisane nathi ukuze izokwehliswa le mali.”

UNkk Nomahlubi Radebe wakwaDambuza uthe kuningi okungalungile ekumele engabe umasipala uyakulungisa kule ndawo.

Uthe: “Ungabona imigwaqo yakhona ukuthi injani intuthuko ayikho. Iyona into esiyikhalelayo kakhulu nje nezindlu siyafuna ukwakhelwa.

“Asenzelwa lutho thina kuleyandawo ungaze ufunge ukuthi asizange sivote. Okungiphatha kabi kakhulu ile ndaba yokuthi ngizwe kukhona abantu abadla izimali okwakumele zize zizosebenza endaweni yakwaDambuza kanye nakwaMachibisa.

“Imeya ihleli ithi bengumasipala bazo zilalela izikhalo zomphakathi kodwa asikuboni lokho kwenzeka.

Lo masipala nje awunandaba nomphakathi engathi nabaholi bakhona bayakhohlwa wukuthi iwona lo mphakathi owabafaka emandleni futhi iwona oyobakhipha emandleni,” kusho uNkk Radebe.

Imeya uMnuz Njilo ulwamukelile uhlu lwezikhalozo zomphakathi wabe esethembisa ukuthi bazozi bheka bese bebuyisa impendulo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.