Amaphoyisa omgwaqo kamasipala aphucwe izibhamu

2019-06-12 06:02

AMAPHOYISA omgwaqo angaphansi kukaMasipala uMsunduzi athi asabela izimpilo zawo kulandela ukuphucwa kwawo izibhamu zomsebenzi.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba ithimba lamaphoyisa elilwa nobugebengu elajutshwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ligasele emahhovisi amaphoyisa omgwaqo akuWashington Road nokuyilapho kube sekuthathwa khona izibhamu zawo wonke amaphoyisa asebenza ngaphansi kukamasipala.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo othembekile ngaphakathi, ukuthathwa kwalezi zibhamu kungemuva kokuba kutholakale ukuthi umasipala awuyilandeli imigomo efanele yokusetshenziswa kwazo.

“Kuthathwe izibhambu ezingaphezu kwama-200. Izibhamu zizophinde zihanjiswe ukuba ziyohlolwa ukuthi abukho yini ubugebengu ezake zabandakanyeka kubona,” kubeka umthombo.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kulama hhovisi ngoLwesine, amaphoyisa omgwaqo kamasipala uMsunduzi abelokhu engena ephuma elethe izibhamu ngemuva kokuyalelwa ukuthi kumele azibuyise wonke.

Elinye lamaphoyisa elikhulume ne-Echo kodwa langathanda ukuba kudalulwe igama lalo lithe nakuba bazi ukuthi amaphoyisa enza umsebenzi wabo kodwa bona bazizwa sengathi impilo yabo ibekwe engcupheni.

“Siyasebenza phela ngoba ayikho into esizoyenza kodwa nje asiphephile. Okubuhlungu kakhulu ukuthi asazi nokuthi ziyoze zibuyele nini kuthina. Emgwaqeni sihlangana nabantu abaningi abahlukene angazi uma ngabe sesithathelwa amathuluzi ethu okusebenza kuthiwa asenze njani. Kulandwe ngisho abantu akade bengasebenzi ngesonto eledlule kwathiwa kumele balethe izibhamu ngoba ziyafuneka” kuchaza yena.

Omunye wabasebenzi uveze ukuthi baphinde babizelwa emhlanganweni ngumasipala nalapho owafika wabatshela khona ukuthi ukuthathwa kwezibhamu zabo ingoba kunokhiye owodwa walapho zigcinwa khona.

I-Echo iphinde yathola ukuthi akusizona izibhamu zamaphoyisa omgwaqo kuphela ezithathiwe kodwa kuphinde kwathathwa nezabonogada bakuwona lo masipala.

Imizamo yokuthola umasipala ukuba uphawule ngokuthi ngabe ku-yiqiniso yini ukuthi izibhamu zithathwe ngoba bengayilandeli imigomo, ayiphumelelanga.

Ibamba lokhulumela wona lomasipala uNkk Ntobeko Ngcobo ukhiphe isitatimende ebesichaza ukuthi ukuthathwa kwezibhamu kungenye ye-zindlela yokuhlolwa kwangaphakathi (audit). Esitatimendeni uqhube wathi amaphoyisa lokhu akwenze njengengxenye yohlelo lwawo ngokwemigomo ye-Firearms Control Act ekumele umasipala ubavumele uma ngabe sebenza umsebenzi wabo. “Umasipala nawo uyaba nako ukuhlolwa kwawo kwangaphakathi njalo ngenyanga. Singumasipala sizobe sesaziswa ngemiphumela ebe khona mayelana nokulandelwa kwemigomo,” kufundeka isitatimende.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.