Amasu okuvimbela ukuphangwa

2017-09-27 06:03

AMAPHOYISA aseMgungundlovu akhiphe isexwayiso esibhekiswe kosomabhizinisi abakhetha ukunweba amahora okuhweba ngaphezu kwesikhathi esijwayelekile sokuvala.

Okhulumela amaphoyisa, uKaputeni Khosi Khonjelwayo uthe ngokuhlaziya okwenziwe amaphoyisa ngobungozi bobugebengu kubonakala ukuthi liyakhuphuka izinga lokuphangwa kwamabhizinisi anweba amahora okuhweba ngaphezu kwesikhathi esijwayelekile.

• Osomabhizinisi kumela bandise isibalo samakhamera.

• Kumele beqinise ezokuvikeleka nokuphepha emabhizinisini abo.

• Kumele bekhuphule isibalo sonogada.

• Kumele begweme ukugcina isamba semali enkulu ngezikhathi zasebusuku.

• Kumele begweme ukubeka obala izimpahla ezibizayo kodwa bezivalele endaweni ephephile.

Uthe: “Singamaphoyisa siyakukhuthaza ukuxhumana njalo kosomabhizinisi abasebenzela ngandawonye,” kusho uKaputeni Khonjelwayo.

Uqhube ngokuxwayisa abantu abahamba ngezinyawo enkabeni yedolobha.

• Kumele uhlezi uqaphele.

• Uma uphethe isamba semali enkulu cela omunye wabangani bakho noma isihlobo sakho ukuthi sikuphelezele.

• Ungakhulumi nomuntu ongamazi futhi ungabanaki abantu abafuna ukwabelana nawe imali-mbumbulu abayithole emgwaqeni.

• Amalungu omphakathi kumele aqikelele ukuthi omakhalekhukhwini babagcina ezindaweni eziphephile uma behamba esitaladini.

• Izigebengu zisebenza emaqenjini, uma usola ukuthi kukhona abantu abakulandelayo ngena esitolo esiseduze nawe mese uxhumana namaphoyisa.

UKhonjelwayo uthe kwezinye izigameko izigebengu zisebenzisa izibhamu noma ezinye izikhali ukuphanga abantu.

“Ungaphikisani nezigebengu umazikukhombe ngesibhamu noma ngesinye isikhali ngoba amastathistiksi aveza ukuthi izisulu ezizama ukuzabalaza ezigamekweni zalolu hlobo zigcina zilimele noma zibulewe,” kusho uKaputeni Khonjelwayo.

Uphethe ngokuthi abantu kumele bezame ukugwema ukusebenzisa omakhalekhukhwini ezindaweni eziphithizelayo enkabeni yedolobha.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.