Amavulandlela abonga imfundiso

2019-05-29 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweAbaholi baMavulandlela benamanye ama-Scout abehambele inkambu yawo eLexeden Scout Camp e-Athlone.

ISITHOMBE: sithunyelweAbaholi baMavulandlela benamanye ama-Scout abehambele inkambu yawo eLexeden Scout Camp e-Athlone.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI abangaMavulandlela bezikole zamabanga aphansi ezakhele isifunda saseMgungundlovu babonga izimfundiso ezinhle abathi bazinikwa ngabaholi bama-Scout abazincoma ngokuthi ziyabakha futhi zibaqinisa ukhakhayi ekumelaneni nazo zonke izingqinamba ezihlangabenzana nokukhula kwabantu abasha.

UYolanda Zondi (9) wasePanorama Primary School ubengomunye wabafundi ebebehambele inkambu yama-Scout ebiseLexeden Scout Camp Site e-Athlone lapho aMavulandlela abehlangenele khona impelasonto yonke le esiphuma kuyo.

AMavulandlela ezikole ebezihambele kulenkambu yiSigodini Primary, yiPanorama Primary, uNogqaza Primary, yiGrange Primary ne-Asamkele Primary.

Zonke bezihamba nothisha bazo abangabaholi baMavulandlela.

Ekhuluma lapha uYolanda uthe selokhu azimbandakanya nokuhambela izinkambu zaMavulandlela kuningi asekufundile kuhlanganisa nokwazana nabafundi bezinye izikole nabo abangaMavulandlela.

“Kumnandi ukuba yi-Scout njengoba mina ngisangena ngaphansi kwama-CUP kuningi esengikufundile.

“Ngicela nabanye esilingana nabo bangene kuma-Scout ngoba kumnandi futhi sifundiswa izinto eziningi,” usho kanje.

UNkk Lynnette Ngcobo ofundisa esikoleni samabanga aphansi i-Asamkele Primary KwaSwayimane futhi ongumholi waMavulandlela eMgungundlovu uthi abazali bangalinge bavimbele izingane zabo uma zihamba nezinye kuyiwa ezinkambini ngoba kukhulu ezikuzuzayo lapho.

Ubonge ukuzinikela kwezingane ngokuba aMavulandlela akusasa wancoma nabazali ngokuseka izingane zabo kule nhlangano ebagqugquzela nokuthi mabaqhubeke njalo ngokuba ngabaseki bezingane zabo inqobo nje uma zizihlanganisa nezinhlelo ezizozakha ukuze zibe ngabantu abaqotho kusasa.

Abebebambe iqhaza ekucijeni aMavulandlela abelapha ngomakadebona kuma-Scout asebengama-Quarter Master (QM), Troop Scouter (TS), Assisted Troop Scouter (AST), Base Leader (BL), Troop Leader (TL) nama-Section Leader (SL).

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.