Amehlo abheke izintwana kowezikebhe

2018-02-14 06:00
Isithombe: SithunyelweAbanye abazobe bethwelwe ngeqoma kulesigaba seminyaka (U23) u-Stewart Little (phambili) no Khumbulani Nzimande.

Isithombe: SithunyelweAbanye abazobe bethwelwe ngeqoma kulesigaba seminyaka (U23) u-Stewart Little (phambili) no Khumbulani Nzimande.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKHATHI esiningi amehlo abalandeli bomjaho wezikebhe waminyaka yonke i-FNB Dusi Canoe Marathon ivamise

ukugxila kubantu abadala kuphela noma ezinsepheni ezaziwayo, kodwa kulonyaka ka-2018 umdlandla nentshisekelo izobe ikhona nasezifanyaneni ezincane ezingaphansi kweminyaka engamashumi amabili nantathu (U23).

Ngendlela izinto ezimi ngayo kuyacaca ukuthi kulabafanyana kuyobe kudlana imilala futhi bazoheha amehlo abaningi.

Lomdlalo wokugudla ngezikebhe kusukwa eMgungundlovu kuze kuyoqedwa eThekwini uhlelelwe ukuthi uqale ngomhlaka February 15 kuya ku February 17.

Okubuye kulethe enkulu intshisekelo mhlawumbe nokukhathazeka kwezinye izinsephe ezingosaziwayo ukuthi lezizifanyana zingagcina ziwudlile umhlanganiso jikelele nokuchaza ukuba wuhlupho kumasiniya.

Okubuye kube mnandi ukuthi isizukulwane esisha sabafanyana abakade bengaziwa sebeqala ukubonakala manje futhi ababa wuhlupho emiklomelweni noma babe kwabakuqala abayishumi abangenile.

Abanye abazobe bethwelwe ngeqoma kulesigaba seminyaka (U23) u-Stewart Little no Khumbulani Nzimande.

Vele sebedume ngokwenza ezibukwayo labagwedli, khona maduze nje bebeqaliswe phambili eqoqweni labashesha kakhulu emdlalweni we 50 Miler Canoe Marathon. Lesisenzo nje sisodwa kuchaza ukuthi labafana bezobe bebhekwe ngabomvu emdlalweni walonyaka wodumo i-2018 FNB Dusi Canoe Marathon.

“Bekungelula khona ukuzilolonga ngendlela esiyithandayo

Sinophathina wami. Phela mina ngizinze e-Underberg kanti uKhumbulani uhlala ngase Nagle Dam. Kodwa ngiyajabula nje ukuthi sikwazile ukuba namasontshwana agcwele sizilolonga ndawonye nokwenze sazana kakhulu,” kusho umfana wakwa Little nosafunda e-Varsity College. Labagwedli bobabili abaxhaswe u-Euro Steel bazi kahle ukuthi insimbi izobe ishisa ngoba phela baningi abasafufusa ukudla ubhedu. Abanye futhi abafana abathwele ngqoma yiningi labalandeli balomjaho mhlawumbe nawuMzansi wonke ikakhulu eKwaZulu-Natal oMthobisi Cele noMpilo Zondi. Ukuziqeqesha kukaCele noZondi kanye nokudlala ndawonye emijahweni eminingana kucacisa bha ukuthi bayazwana futhi bazana kahle.

“Sizibambe ngakho kanti namalungiselelo ethu ahamba kahle,” kusho uCele.

Labagwedli bazokhunjulwa ngesikhathi bedla umhlanganiso emjahweni i-2017 Non-Stop Dusi nalapho isimo sezulu sasibi ngendlela eyisimanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.