Amehlo azobe ebheke imidlalo yeligi

2017-11-29 06:00

KUZOBALUKHUNI kubalandeli beKaizer Chiefs ukwamukela noma ukuqhubeka ukubuka iqembu labo emva kokuphoxeka nokuphuma kuma semi fayineli eTelkom Knock Out (TKO).

Phela AmaKhosi basanda kuguqiswa kabuhlungu omakhelwane iBidvest Wits eMilpark Bidvest Stadium ngo 1-0 emdlalweni okade undulela owamanqamu.

Phela lomqhudelwano ubusiyethemba lamaKhosi lokugcina kulesizini.

Okubuhlungu ukuthi umqeqeshi wezimpofana uSteve “Mphathi” Komphela uzothathwa njengesahluleki emva kokujoyina leliqembu emasizini amathathu edlule.

Ngenhlanhla-ke nangokudalwa AmaKhosi iqembu elikhulu nelilandelwa noma yilaphi lapho lidlala khona, nanganjengoba nesisho sabo sithi “IKhosi alipheli umoya”.

Mhlawumbe nokuzodlalela eMdubane kulempelasonto kuzoshintsha izinto kulethe nenhlanhla.

NgaloMgqibelo wakusasa AmaKhosi azobe etheleke eMdubana eMoses Mabhida Stadium nalaphobezobhekana neqembu uKomphela aliqeqesha isikhathi eside iFree State Stars.

Lomdlalo uzoqala ngehora lesithupha (6pm).

Kanti omunye umdlalo okubhekeke ukuba uhehe izihlwele eziningi uzoba eMphithi eHarry Gwala Stadium nalapho kuyobe kudlala iMaritzburg United nalezinkalakatha ezisanda kukhipha iKhosi iBidVest Wits ngo 3.30pm.

Umqeqeshi weWits uGavin Hunt uthi abadlali bakhe kuzofanele bakhohlwe okwenzekile ngesikhathi bedlala iTKO neChiefs kanye nakweminye imidlalo bacabange ngeTeam of Choice.

UHunt uthi leliqembu laseMphithi liyohlale liyinkinga ekhaya nasemaqembini amaningi ikakhulukazi amakhulu ngoba banomqeqeshi osemncane nokhaliphile nokwaziyo ukushintsha amacebo okudlala ngokushesha.

“Angeke nje uthi uyayazi iMaritzburg United ngoba bayiqembu ekulukhuni ukulidla noma yikanjani.

Umqeqeshi wabo unamacebo amaningi futhi uyakwazi ukushintsha ukwenza uma umdlalo ulukhuni,” kusho uHunt.

Izinsika zeWits ekubhekeke ukuthi zinike iTeam of Choice izinkinga oThulani Hlatshwayo, Steven Pienaar, Daine Klate, Darren Keet (unozinti), James Keene, Amr Gamal kanye nabanye.

Kanti imidlalo isimi yonke yeligi ihlelwe kanje isiyonke: November 25, Maritzburg United vs Wits 3:30pm Harry Gwala Stadium.

November 25, SuperSport United vs Polokwane City 3:30pm Lucas Moripe Stadium.

November 25, Chippa United vs Mamelodi Sundowns 3:30pm Nelson Mandela Bay Stadium.

November 25, Kaizer Chiefs vs Free State Stars 6pm Moses Mabhida Stadium.

November 25, Ajax Cape Town vs AmaZulu FC 8:15pm Athlone Stadium.

November 25, Golden Arrows vs Cape Town City FC 8:15pm Princess Magogo Stadium.

November 26, Bloemfontein Celtic vs Orlando Pirates 3:30pm Dr Molemela Stadium.

November 26, Baroka FC vs Platinum Stars 3:30pm Peter Mokaba Stadium.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.