MHLELI, ake ngidlulise ukubonga nokukhathazeka kwami ngento engayibona e-Clinic enkulu iMbalenhle. Ewodini lababelethayo ziyenzeka izinto futhi uthixo yedwa owenza intando yakhe ukuze uphume nengane iphila .
Okubaluleke kakhulu bengicela ophethe kwezempilo aqinisekise ukuthi imishini ehlola izingane zisengaphakathi ukuthi isebenza ngendlela eyiyo yini. Umshini uthi ingane iyaphila ekugcineni umama azale ingane sekuthiwa ishonile . Kukhona onesi abasuka nezinkinga zemizi yabo emakhaya bazilethe emsebenzini bakhohlwe kuthi bayasebenza. Into engayiqaphela laphaya abanye babo abanalo iqiniso lento abayenzayo.
Ngafika ngivele ngisikwa kodwa babephikisana omunye ethi yebo ngiyasikwa kodwa kukude, omunye athi cha ukugcola kwesifo socansi bangiphuzisa amaphilisa angikhiphisa nesisu.Uma kufika udokotela ebheka ngempela ngiyasikwa .Kimina kuvuka ubuhlungu mangicabanga umfana wami okhubazekile wokuqala ukuthi kwenzekani ngoba i-file lakhe lidala futhi ngeke ngisakwazi ukulandelela .
Onesi bayabususa ubufakazi uma sebesenkingani ngabona ngamehlo bedabula i-print out eyayithi umtwana uyaphila uma umama esebeletha useshonile. Buningi ubukhohlakali obenziwa ngamanesi kodwa akuwona wonke amanye ayazi ezelani ema clinic.Uma engehlisa ukuzithwala nokuhlebana wodwa kungabangcono.
Baningi abantu abakhubazekile ayi ngentando kathixo kodwa ngokuzazi kwamanesi ajike acime ubufakazi. Baningi abantu abangakwazi ukuvula amacala ngoba akunabufakazi. Baningi abantu abakhubazekile kodwa abangazi kwenzekani njengami ngomfana wami.AnonymousPietermaritzburg