Azimisele ukulwa kuze kube sekupheleni awaseKZN

2016-04-27 06:00
Maritzburg United striker Evans Rusike is a player the club is pinning hopes on to save the team from relegation.  PHOTO: sourced

Maritzburg United striker Evans Rusike is a player the club is pinning hopes on to save the team from relegation. PHOTO: sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAQEMBU aKwaZulu-Natal adlala kwiPremier Soccer League (PSL) iLamontville Golden Arrows neMaritzburg United athi azimisele ukudlala kuze kuse emnyango futhi adlalele ukufa nokuphila ukuze aqede esendaweni ephephile kwiligi.

Abafana Bes’thende, iLamontville Golden Arrows isalokhu izame ngayoyonke indlela ukungena emaqenjini okuqala esishiyagalombili (top 8). Nokho kuyacaca ukuthi ukungena eKhanana noma kwi-Top 8 kusalokhu kuwumnqansa kuma-Arrows. Phela Abafana baseLaxie basalokhu belele ishumi nanye (11th position). Selokhu iqalile isizini basawine imidlalo eyisishiyagalombili. Imidlalo yonke esebeyiluzile iyishumi nanye, badlala amadilo ayisithupha, kanti amagoli asebangenele awu-31. Esewonke amaphuzu asebewaqoqile angamashumi amathathu (30).

Umqeqeshi waBafana Bes’thende uClinton Larsen uthi akathandi ukuthi abadlali babe sengcindezeni kodwa bona baphokophele ukuqeda endaweni ehloniphekile. Lo mqeqeshi uthi cishe bonke abaqeqeshi bamaqembu ake azibone ukuthi asbenze kahle noma ngokugculisayo uma bekwazile ukungena kwi-Top 8.

“Thina sifuna ukuzama ukudlala kahle siwine nemidlalo esisalele ukuze siqede endaweni egculisayo,” kusho uLarsen.

Ngalo Mgqibelo, i-Arrows izobe ihanjelwe yi-Free State Stars eChatsworth Stadium (3pm).

Kanti iTeam of Choice isalokhu izabalazile, izama ukusuka emsileni. Uma singayibali imidlalo edlale phakathi nesonto, i-United nayo ibisadlale imidlalo engamashumi amabili nanhlanu. Selokhu yaqala isizini bebesawine imidlalo emithathu vo! Okubuye kuthuse ukuthi iqembu leMaritzburg United selingenelwe amagoli amaningi kunawowonke amaqembu akuPSL, phela esewonke amagoli asebangenele awu-50. Amadilo asebawadlalili awu 8, kwase kuthi asebeluzile awu-14.

Okhulumela leli qembu laseMphithi uBrian Zuma uthi akusadlalwa kodwa sekulwela ukufa nokuphila futhi bazoshaya kwasani oluphambi kwabo ngoba bafuna ukubalekela izembe.“Asisho ukuthi kuzoba lula kodwa sizimisele ukuqoqa amaphuzu agcwele kuyoyonke imidlalo esisalele. Phela akekho ofuna ukuya ehlathini.”

NgoLwesihlanu lwakusasa i-United izobheka neSuperSport United eHarry Gwala Stadium (8pm).

Kanti imidlalo isiyonke imi kanje:

29 April

Maritzburg United ne SuperSport United eHarry

Gwala Stadium ngo-8pm

30 April

Golden Arrows ne Free State Stars eChatsworth Stadium ngo-3pm, Polokwane City ne Black Aces e-Old Peter Mokaba Stadium ngo-3pm, Wits ne Chippa United eBidvest Stadium ngo-6pm, Mamelodi Sundowns ne Kaizer Chiefs eLoftus Stadium ngo-8:15pm

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.